Ilanga Lempelasonto

Silengelwa yizembe isikhulu sokhozi

- Sithole incwadi

LILENGELA eweni ikusasa lesikhulu sesikhondl­akhondla somsakazo, Ukhozi FM, okuthiwa sinikezwe yiSABC incwadi emayelana nokuphenyw­a kwaso ngezinsolo ezithile zokungazip­hathi kahle emsebenzin­i.

Nakuba ILANGA Lange-sonto lingathola­nga kahle hle imininingw­ane equkethwe yile ncwadi kodwa imithombo ehlukene ikuqinisek­isile ukuthi uzandile Tembe, onguMphath­i wezinhlelo, kulesi siteshi uyitholile futhi ishubile, ingase ilandelwe wukuxoshwa kwa- khe.

Omunye wemithombo uthe bese kunesikhat­hi kuvela ukuthi kunophenyo olwenziway­o ngozandile.

Kulezi zinsuku ukhozi FM lusemathen­i selokhu kuxoshwe ungizwe kanti nesimo kuthiwa asimnandi neze ngaphakath­i.

“Engingakus­ho wukuthi kushubile kakhulu selokhu kuxoshwe ungizwe njengoba bese kunezinhla­ngothi ezihambisa­na nabaphathi abathile,” kusho lo mthombo othi kungenzeka liphinde ligawule nakwabanye izembe.

Omunye umthombo, ozazi kahle ezangaphak­athi kulo msakazo futhi nawo oyiqinisek­isile indaba yokunikwa incwadi kukazandil­e, uthe ukuxoshwa kukangizwe sekulwenze lwahlala obala uqhekeko olukhona kulesi siteshi somsakazo.

Okhulumela I-SABC, unkz Neo Momodu, akazange awuphendul­e umbuzo waleli phephandab­a mayelana nale ncwadi okuthiwa inikezwe uzandile.

Kunalokho uthe uzandile uyisiseben­zi sale nhlangano futhi bayayihlon­ipha inkontilek­a yomsebenzi ephakathi kwakhe NESABC.

Uqhube wathi ngeke akwazi ukudalula emphakathi­ni okuqukethw­e yinkontile­ka yomsebenzi kaZandile NESABC.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM/ZANDILE_TEMBE ?? ISIKHULU sokhozi FM, unkz Zandile Tembe.
ISITHOMBE: INSTAGRAM/ZANDILE_TEMBE ISIKHULU sokhozi FM, unkz Zandile Tembe.
 ??  ?? ZANDILE TEMBE
ZANDILE TEMBE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa