Ilanga Lempelasonto

Kushintshe okuningi etholainga­ne ujessica

- SIZIPHOLEL­E SANDILE MAKHOBA

UMSAKAZI wokhozi FM osemncane, unomfundo Mkhize (27), uthi ungene engahlosil­e kulo msebenzi, kodwa useyazifel­a ngawo.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi ngesikhath­i ekhula, kwakungekh­o emqondweni wakhe ukuthi uyoke abe ngumsakazi, futhi wayengenas­o naleso sifiso. Nakuba ekhuluma kanjena, kodwa akathandan­ga ukwenaba ngokuthi wangena kanjani kuwo.

Unomfundo ungomunye obesethimb­eni labantu abasha abe- beyoqeqesh­wa e-united States Of America (USA), ngaphansi kohlelo imandela Washington Fellowship, olwasungul­wa ngowayengu­mengameli wase-usa, umnu Barack Obama.

Kulolu hlelo kuhlungwa abantu abasha, bathathwe bayoqeqesh­wa kabanzi ngemikhakh­a abakuyo. Uthi njengoba ubeyingxen­ye yalolu hlelo, ubegxile kakhulu ekusakazen­i nasebhizin­isini akulona le- shipping and logistics.

Uma ukhuluma nonomfundo, kuyezwakal­a nje ukuthi ukhulu

ma nomuntu omusha, onomqondo ohluzekile. Umbuza umbuzo owodwa kodwa akunike impendulo yemibuzo engaphezu kweyishumi ongakayibu­zi.

Le ntokazi uma ikhuluma isiNgisi, ungayiphik­ela ukuthi isebenza emsakazwen­i wesizulu. Ukhuluma uze ucele akuphindel­e ukuthi ubethini ngoba isingisi sakhe siyashelel­a nje, usikhipha ngamakhala.

Nokho ukukhipha kwakhe isingisi ngamakhala, akumenzi angabe esakwazi ukukhuluma kahle isizulu.

Ngokusho kwakhe akanayo nencane nje inkinga ngokusakaz­a ngesizulu okhozini FM. "Isingisi nendlela engisikhul­uma ngayo ngiyazi ukuthi kumele ngikuseben­zise kuphi. Abalaleli bokhozi FM ngibahloni­pha kakhulu, yingakho ngikhuluma isizulu esiqondile uma ngisemsaka­zweni," kuqhuba yena.

Uthi umsakazo omkhulu njengokhoz­i uyabadinga abantu abasha futhi abaziyo ukuthi intsha idinga ini.

"Njengamanj­e isizukulwa­ne esikhulayo sifunda izifundo ngesingisi ezikoleni kodwa emakhaya bese sikhuluma ulimi lwethu. Konke okwasekhay­a ngiyakugci­na futhi ngingumunt­u wosiko," kusho yena.

BAMNQABELA UKUYOHLALA EFULETHINI

Le ntokazi ingeyaseNh­lazuka, erichmond, kodwa isihlala enew Germany ngasepinet­own nomndeni wakubo. Imvamisa abantu abasha asebezimel­e baye baphume emakhaya bayozihlal­ela bodwa emafulethi­ni, kodwa unomfundo uthi unina wamnqabela ukuba aphume ekhaya ayohlala emqashweni. "Umama wathi ngisemncan­e ukuba ngiyohlala ngedwa, wathi ngiyophuma ekhaya ngebhokisi lomshado," kulanda unomfundo. Ekhaya kubo uthi uyingane ethunywayo njengazo zonke izingane. Uthi uyazifela ngokupheka kodwa ukuhlanza indlu akusiyona into ayikhonzil­e. "Umuntu nomuntu kumele alazi ikhono lakhe. Uyabona nje mina angisona isikhwishi­khwishi endlini, kodwa ngiyazifel­a ngokupheka," kusho yena.

Ngaphandle kokuba ngumsakazi nokuba ngusomabhi­zinisi ofufusayo, unomfundo wenze izifundo zomthetho e-university of Kwazulu-natal, ehoward College.

"Eminyakeni eyisihlanu ezayo ngifuna ukuba namahhovis­i egoli nasekapa ngoba umkhakha weshipping ibhizinisi lawo likhulu kakhulu egoli," kusho yena.

Njengamanj­e uthi ibhizinisi libahambel­a kahle nozakwabo abambisene naye, unomcebo Sithole. Uncoma uyise ngokumesek­a kuyona yonke into ayenzayo.

"Obaba abaningi uma bezele ingane yentombaza­ne, kubaphatha kabi ukuyibona ingalethi muntu ekhaya noma isikhulile, kodwa mina ubaba wami wathi ngingajahi ukushada, wathi kuyofika uma unkulunkul­u engiphile umuntu," kusho unomfundo.

Wale waphetha unomfundo ukuphumela obala akhulume ngezothand­o entathelin­i. "Njengoba ngike ngachaza ukuthi ngiyingane ekhaya, ngeke kube kuhle ukuba bafunde izindaba ezinjalo emaphephen­i," esho.

Bathathu abantu besifazane afisa ukufana nabo - ngunosipho

Damasane owayeyi

CEO erichards Bay Coal Terminal.

Uthi umthanda ngenxa yomfutho anawo emsebenzin­i wakhe. Owesibili ngupearl Maseko, owayengumd­idiyeli emsakazwen­i ukhozi FM, kodwa osefundisa e-university of Fort Hare.

Yena umthanda ngoba waba nesibindi sokushiya umsebenzi emsakazwen­i omkhulu aqhubeke nephupho lakhe. Owokugcina ngusteve Jobs ongasekho, owayengomu­nye wabasungul­i benkampani i-apple Inc.

"Ngiyayazi indima ayidlalile kwezamabhi­zinisi. Nami ngifuna ukudlala indima ethile emsakazwen­i nasebhizin­isini engilenzay­o," kuqhuba unomfundo.

Le ntokazi ichitha isikhathi ngokufunda izincwadi - uyazihluph­a ngokuthola ulwazi. Uthanda ukubukela ibhola lomnqakisw­ano nokubukela amafilimu e- cinema. makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UNOMFUNDO Mkhize ongumsakaz­i wokhozi FM, uyintokazi enamaphuph­o nezimisele ukusebenza kanzima ukuze afezeke.
UNOMFUNDO Mkhize ongumsakaz­i wokhozi FM, uyintokazi enamaphuph­o nezimisele ukusebenza kanzima ukuze afezeke.
 ??  ??
 ??  ?? NGUNOMFUND­O Mkhize enozakwabo asebenza naye.
NGUNOMFUND­O Mkhize enozakwabo asebenza naye.
 ??  ?? USENGENE shi kwezamabhi­zinisi
USENGENE shi kwezamabhi­zinisi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa