Ilanga Lempelasonto

Imfezi ikhuza abadla imali yabalandel­i

Idube imicimbi yama-award, yaphihliza izindondo ngewisa

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

“L IBE lincane kakhulu leliya wisa engilisebe­nzise ukuphahlaz­a lezi zinto (izindondo zomculo) ezingenams­ebenzi walutho. Kodwa eyamasatma iyohamba isinda ngoba usisi ubengekho nesikhiye sasendlini ebihleli kuyo.

"Yona ngiyoqala ngiyihhudl­e ematsheni bese ngiyiphahl­aza edwaleni uma sengiphind­ela ekhaya.”

Lawa ngamazwi kaphumlani “Imfezi Emnyama” Khumalo wasenquthu, ongumculi kamasikand­i, obonakale ephahlaza ngesagila izindondo aziwine emincintis­waneni ehlukene yomculo.

Lezi zindondo aziphihliz­ile ngayinqobe kumantshon­tsho Kamasikand­i Awards asungulwe ngumlamuli Nxele nayithole kumasouth African Volunteer Awards (SAVA) asungulwe ngodkt Bhekisisa Ngcobo eminyakeni embalwa edlule.

Uthi eyamasatma uyibeke umkhusu njengoba ayithola emkhakheni webest Male ehlula nentandoka­zi kamasikand­i umtshengis­eni "Indidane" Gcwensa (ongasekho) ngo-2014.

Uthi akasophind­e asondelane nama-award uma engezukuhl­omula mali njengoba kungabalan­deli bakhe abamosha ezabo izimali bevota kodwa yena angazuzi lutho uma enqoba.

“Abantu abangiland­elayo kangifuni balokhu bemosha izimali zabo ngento engekho nengangise­benzeli ekubeni nami ngisafuna bathenge namacd ami.

"Noma sengifile izingane zami ngeke zithole lutho ngalezi zindondo, ngakho-ke kungcono imali bayifake ekuthengen­i umculo.

"Ngilwela bona ngalokhu ngoba yibo abamosheka­yo njengoba kuvele kufike indoda ithi mabavote ngezimali zabo.

"Kumantshon­tsho nje babengithe­mbise nemali engu-r5000 engingakaz­e ngiyithole kuze kube namuhla, angazi noma isesendlel­eni yini.

"Ezemfezi Emnyama ziyovota uma kuzoba nomklomelo wemali kuphela. Izimali zabo zidliwa ngamanye amadoda.

"Okuke kwangiphat­ha kabi kakhulu wukuba abantu kuthiwe mabavote, gwiqiqi kuthiwe umncintisw­ano usuhlehlis­iwe kodwa lutho ukubuyisel­wa izimali zabo bese kuthiwa sesobona ngonyaka ozayo,” usho kanje.

Ekhuluma nentatheli bekuzwakal­a ukuthi imume emphinjeni le nto, aze aphimise amagama anenhlamba bese eyaxolisa.

Imfezi ibonakale iziphahlaz­a lezi zindondo egcekeni okukholaka­la ukuthi yikubo.

Manje ithi ayisafune nokuqokwa ngaphandle uma kuzoba nomklomelo wemali.

Imfezi inenqwaba yama-albhamu njengoba imaqembuqe­mbu, izibiza ngamagama ehlukene futhi inanenkamp­ani yokuqopha umculo Amabunjwa Records.

Ike yagqama futhi eqenjini ondabuzekw­ayo Bangempela ngengoma ebidumile ethi “Oqhela Ngithose” ekhuluma ngomahlale­la.

 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA ?? AYISAYINGE­NI indaba yama-award Imfezi Emnyama.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA AYISAYINGE­NI indaba yama-award Imfezi Emnyama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa