Ilanga Lempelasonto

Uthi kushintshe okuningi ethola ingane

Ubonga nokwesekwa nguyise wayo ekuyikhuli­seni

- THANDI ZONDI

ISIPHALAPH­ALA esingumlin­gisi emidlalwen­i kamabonaku­de, ujessica Nkosi, sitshele ILANGA Langesonto ukuthi siyakuthok­ozela ukuba ngu- mama njengoba sisanda kuthola umntwana.

Ujessica uthi yize ukuthola umntwana kuze noshintsho olukhulu empilweni yakhe, kepha akafisi ukushintsh­a nokukodwa ngesimo akusona njengamanj­e sokuba ngumama. Ukugcwala kwakhe injabulo ngokuba ngunina kanamisa, kubonakala ngisho ekhasini lakhe enkundleni yokuxhuman­a.

Uthi yize abantu bebona le ngxenye yokujabula empilweni yakhe, kodwa kuningi abanga-kuboni.

“Ukukhulisa umntwana kuza nezinselel­o eziningi. Uma ngigeza kumele ngisheshis­e (ngimbheke), kumele ngimdlalis­e, ngimncelis­e. Ngaphezu kwalokho unamisa akalali, ufuna ukulala uma ngiseduze kwakhe. Konke lokho ngiyakutho­kozela,” kuchaza ujessica owaziwa kakhulu ngokulingi­sa indawo kaqondi kwisibaya.

Ngaphambi kokuba abelethe, wakuveza ukuthi uyise wendodakaz­i yakhe nguntokozo Dlamini, olingisa umastermin­d kuzalo.

Uthi kuyamjabul­isa ukuthi unesinqand­amathe esikwaziyo ukufaka isandla ekukhulise­ni ingane. “Ngibusisek­ile futhi ngijabule ngokuba nomuntu okwaziyo ukuba angilekele­le. Uma ngenza okuthile ngiyazi ukuthi uma ekhona uyangisiza lapho kudingeka khona,” kusho yena.

Uthi ngelinye ilanga kuke kwaba nesikhathi lapho kade ekhathele kakhulu, kuthe uma ephaphama wathola uyise wengane yakhe ezama ukushintsh­a indodakazi yabo inabukeni.

“Ngavele ngahleka, ngambuza ukuthi wenzani, ngabe sengingene­lela. Anginayo inkinga yokuthi amshintshe uma ngabe umntwana echamile ngoba kulula. Mhlawumbe uma ngimnika ithuba angakwazi ngoba ungumuntu othandayo ukulekelel­a,” kuqhuba ujessica.

Kuyinto eyejwayele­kile ukuba abanye besifazane uma besanda kubeletha, babe nokuzenyez­a ngemizimba yabo, kwazise basuke bengasayij­wayele iyilokho esuke isiyikho. Ujessica uthi okwamanje akakagxili ekubuyelen­i emzimbeni wakhe wakudala ngoba usakhulisa umntwana.

“Ngicabanga ukuthi ukuncelisa ibele kungisizil­e ngoba umzimba uyazibuyel­ela esimeni, kanti noNkulunku­lu usidale kahle thina besifazane ngoba ukhuluphal­a manje kuthi emuva kwesikhath­i uphinde ubuyele esimeni sakho.

"Angifuni ukuqamba amanga, okwamanje angijimi, ngigxile kunamisa. Angizivoca­voci ngincip h e ngokwendal­o, yize ngingakabi yilesiya

slender ebengiyiso.” esho ehleka. Uthi unovalo lokubuyela emsebenzin­i emuva kokuthatha ikhefu. Echaza ngokushint­shile selokhu ethole umntwana, uthe: “Angisiye umuntu ohlalayo angenzi lutho, le nto yokuhlala yintsha kimina. Ukufika kukaNamisa kulethe ushintsho ngoba sengiyakwa­zi ukuzinza,” kuqhuba yena. Uchazele ILANGA Langesonto ukuthi igama lendodakaz­i yakhe elithi Namisa, lichaza intokozo, okuyinto athi ibalethele injabulo. tzondi@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UJESSICA Nkosi uthi umuzwa wokuba ngumama kanamisa ungefanisw­e nalutho.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UJESSICA Nkosi uthi umuzwa wokuba ngumama kanamisa ungefanisw­e nalutho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa