Abayamukelanga inkosikazi KAHHP
Belingaphathwa nhlobo igama lenkosikazi kajabba emngcwabeni
KABAMAMUKELANGA njengelungu lomndeni wakwatsambo ulerato Sengadi, nakuba inkantolo ikhiphe isinqumo ngolwesihlanu sokuthi ungunkosikazi womculi we- hip-hop ongasekho, uhip Hop Pantsula.
Ukungamukeleki kukalerato kucace bha ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo kajabulani “HHP” Tsambo, obebuye aziwe ngelikajabba kule ndima, obuseMmabatho Convention Centre, emahikeng, enorth West, izolo ngomgqibelo.
Ngesikhathi sekufundwa umlando walesi sihlabani semotswako, okuyi- hip-hop exube isitswana nesingisi kubalwe wonke amalungu omndeni kodwa akangabalwa unkosikazi waso nakuba inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi ungunkosikazi osemthethweni.
Ngemuva kwezinsukwana kuzwakale izindaba zokushona kukahhp ngolwesithathu olwedlule, kube sekusabalala imibiko kwabezindaba ngomdonsiswano phakathi komndeni KAHHP, ikakhulukazi uyise umnu Robert Tsambo, nolerato okuholele ekubeni kuyiswane ezinkantolo.
Imibiko ithi ulerato ubefuna ngo'dli' izikhiye zendlu KAHHP, eseruimsig egoli, izikhiye zemoto, yipasi nemininingwane yemi- shwalense yakhe futhi efuna ukuzingcwabela umyeni wakhe, umndeni obuphikisana nakho ngoba uthi ubengesiyena unkosikazi KAHHP, kodwa ubeyingoduso nje kuphela.
Uthe kunezinto eziyingxenye yesiko lomshado wesintu ulerato angazenzanga, njengokwethulwa emndenini wakwatsambo njengomakoti wabuye wamsola ngokushiya indodana yabo engakaphothulwa amalungiselelo amalobolo.
Ngolwesihlanu, inkantolo enkulu egoli ibe isikhipha isinqumo sokuthi ulerato uyinkosikazi KAHHP esemthethweni, yasichitha esokumiswa kokuqhubeka komngcwabo.
Ngokwejaji uratha Mokgoathleng, elikhiphe isinqumo, zintathu izinto ezibhekwayo uma kukhulunywa ngokuba semthethweni komshado wesintu.
Lithe kumele kube ngabantu abangaphezu kweminyaka ewu-18 ubudala, kumele bavumelane futhi kumele kudingidwe ilobolo. Ujaji Mokgoathleng uthe umthetho awusho lutho ngesiko lokwethulwa kukamakoti.
Igama likalerato lize lavela ngesikhathi umfundisi obethula inkonzo edlulisa amazwi enduduzo kuyena nomndeni. ayandab@ilanganews.co.za