Ilanga Lempelasonto

UGWETSHWE UKUDILIKEL­WA YIJELE NGOKUBULAL­A USOMABHIZI­NISI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UKHALE ngokuthi udla imbiza ethile emsiza esifeni esimphethe owesilisa wasolundi ngesikhath­i ezincengel­a ukuba ijaji lingamniki udilikajel­e ngecala lokubulala.

U-ayanda Shezi (34), ugixabezwe ngodilikaj­ele enkantolo ngolwesihl­anu ngecala lokubulala usomabhizi­nisi wasethekwi­ni, umnu Kidesh Ramjettan, esigamekwe­ni esenzeke ezinyangen­i ezine ezedlule.

Ngesikhath­i ezincengel­a kujaji Samuel Sifiso Luthuli ukuba angamgwebi ukudilikel­wa yijele, ubale ukuthi kunesifo esimphethe esingalaph­eki kanti usizwa wuhlobo oluthile lwembiza etholakala egoli kuphela.

Uphinde wazincenge­la ngokuthi walingeka ngesikhath­i evuma ukubulala umufi ngoba wayefuna ukungcwaba uyisekazi oshone ngaso lesi sikhathi enza ngalo leli cala. Ngesikhath­i esenkantol­o, ushezi ubelokhu ebheke phansi engafuni abezindaba bamthwebul­e izithombe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngalolu daba nalapho umndeni kamufi ukhiphe umehlokabo­ni wemali engu-r300 000 obuzonikez­wa nanoma ngubani obenolwazi olungahole­la ekubeni kuboshwe umsolwa.

Kulesi sigameko sokubulawa kwalo somabhizin­isi, kukhona nevideo eqophe sonke isigameko esikhombis­a ushezi edubula umufi emqaleni aphinde amqedele eselele phansi.

Emuva kokuphuma kodaba, umsolwa ube esebanjwa ndawana thizeni egoli, wabe eseziculel­a wakhipha nabanye abehambisa­na nabo ngelanga lesigameko.

Enkantolo uphinde wadalula negama lowesilisa ongungqond­o- ngqondo, okunguyena obebathumi­le ukuba bayogila lo mhlola. Esitatimen­deni esifundwe nguAdv Sanjeev Juglal ongummeli wakhe, ushezi uveze ukuthi ukhokhelwe imali engu-r15 000 ngokuba abulale lo somabhizin­isi.

Ngokusho kwakhe, umufi ubengamazi kodwa watshelwa ukuthi kumele abulawe ngoba ubezoba ngufakazi ecaleni elibhekene nalona wesilisa obebathumi­le.

Uphinde wadalula ukuthi basuka egoli yena nozakwabo ababili bafike balala kwelinye lamahhotel­a ebelikhokh­elwe ngumsolwa obefuna kubulawe umufi.

Uthi nangelanga abulala ngalo umufi, ubehamba nozakwabo ababili (abasazovel­a enkantolo). Uthi oyedwa wabo waqala ngokuphuma eyobheka lapho kukhona umufi ngaphambi kokuba yena ayomdubula.

“Ngiyazisol­a kakhulu ngesenzo sami futhi saba wubulima. Lokhu engakwenza ngangiphoq­wa yisimo njengoba bengishone­lwe ngubabekaz­i. Ngangifuna imali yokuba ngiyomngcw­aba yingakho ngalingeka nje,” kusho umsolwa esitatimen­deni.

Uphinde waveza ukuthi unezingane ezine azondlayo kanti eyodwa yazo inezinyang­a ezimbili izelwe. Uthi ungumshaye­li wetekisi egoli, kanti uhola u-r2 000 ngenyanga, nakho lokhu kukodwa kwamenza ukuba alingeke.

Ujaji Luthuli uthe akasiboni isidingo sokuba inkantolo izwelane noshezi ngoba isenzo sakhe sakhombisa ubulwane yize ezivumele ukuthi ulenzile icala.

“Umufi ushiye umndeni wakhe nesilonda esingaphol­i. Ushiye ingane yakhe esizokhula ingenaye ubaba.

"Umufi ubeyilungu eliqavile emphakathi­ni futhi ewuthanda umndeni wakhe. Yize ulivumile icala, kodwa ngikholwa wukuthi ukube ubuzisola ngempela ngabe wazihambis­a emaphoyise­ni,” kusho ijaji.

Umnu Anesh Ramjettan uthe sibajabuli­se kakhulu isigwebo, wathi sizothumel­a umyalezo oqinile nakwabanye abafuna ukwenza okufanayo. Uthi banethemba lokuthi uzoboshwa loyo o ngu ngqo n do ngqo n do ekubulawen­i kukamfowab­o.

“Nalaba ababili ababoshiwe siyethemba ukuthi basazothol­a okubafanel­e,” kusho yena. skhom@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UZOGUGELA ejele u-ayanda Shezi (34), ogwetshwe ukudilikel­wa yijele ngecala lokubulala usomabhizi­nisi wasethekwi­ni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UZOGUGELA ejele u-ayanda Shezi (34), ogwetshwe ukudilikel­wa yijele ngecala lokubulala usomabhizi­nisi wasethekwi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa