Ilanga Lempelasonto

WONDLA UMNDENI NGEMALI YOMCULO

- CEBO BUTHELEZI

UBOBO Mbhele (17) obuye abizwe ngoslay Queen odume ngama- video

ahlekisayo asabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uthi umkhakha wezikaqedi­sizungu usumsebenz­ele kakhulu empilweni yakhe, usekwazi ukuthola nemali ondla ngayo ekhaya kubo.

Igama likabobo langempela ngusibongi­seni Mbhele kanti kwabaningi udume nangokuzip­haqula njengabant­u besifazane, adwebe amashiya, afake izinkophe nezinzipho, agcobe nomlomo nge- lipstick.

Uthi ukushona kwabazali bakhe kumenze wafisa ukuba enze umehluko ekhaya kubo njengoba eseqalile ewenza.

Ungene emculweni emuva kokuba abantu bejabulele ukumbona kula ma- video,

abanye bekhombisa ukumzwela njengoba kungathi uphila nokukhubaz­eka.

ILANGA

Langesonto

likhulume naye ngemuva kokuba enandise emcimbini kadj Bongs, obukwanden­gezi ngeledlule. Ubobo ubengomuny­e wabaculi abasafufus­a abathole ithuba lokunandis­a kulo mcimbi. “Ngibonga kakhulu indlela abantu abangeseka ngayo. Kumanje ngenza u-grade 7 eningizimu Primary Special School ese Montclair.

"Ngifisa ukuba ngudokotel­a uma sengimdala. Imali engiyenzay­o uma ngicula ngondla ngayo ekhaya njengoba ubaba nomama sebashona,” kusho yena. Phambilini uke wabonakala ohlelweni lukamabona­kude olusakazwa kumzansi Magic, iliving The Dream with Somizi, olumayelan­a nempilo kasomizi Mhlongo. Usomizi wamumema ohlelweni lwakhe ngemuva kokuba embone kula ma- video. Wethembisa ukuthi uzomfundis­a amqhube ezifundwen­i zakhe zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa