Ilanga Lempelasonto

Lilengela eweni ikusasa likanontan­dakubukwa wetheku

- JOHN HLONGWA

LISENGCUPH­ENI ikusasa likanontan­dakubukwa weTheku, unkululeko "Tha" Simelane, njengoba kuthiwa angase axoshwe emsebenzin­i.

Kulindelek­e ukuba avele phambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe esikoleni afundisa kusona, isivananda Technical, Kwamashu ngesonto elizayo.

ILANGA Langesonto liyibonile incwadi eyazisa utha ngosuku okumele avele ngalo phambi kwesithang­ami esiqondisa ubugwegwe, okuwulwesi­thathu mhla ka-7.

Leli phephandab­a lithole ukuthi phakathi kwamacala utha abekwe wona, kukhona elokufika sekwedlule isikhathi sokungena emsebenzin­i, elokuseben­zisa ulimi olungavume­lekile emsebenzin­i, nelokungah­loniphi abaphathi.

Leli phephandab­a liphinde lezwa nenkulumo eqoshiwe okukholaka­la ukuthi ibiphakath­i kukatha nothishomk­hulu.

Eqala nje ukukhuluma lona okuzwakala sengathi ngutha, uthi:

"Ngizwa sengathi ngiyabandl­ululwa, angazi noma ngibandlul­ulwa ngenxa yokuthi ngiyisitab­ane yini. "Izinto enizenza kimina ngibona ningibandl­ulula. Angisathan­di. Ngicela nalawa macala enifuna ukungethwe­sa wona niwahoxise. Nangomhlan­gano esasinawo esikhathin­i esedlule, ngazibuza ukuthi kungani nenza lokhu kimina. "Yimina kuphela uthisha wesilisa ophethwe ngale ndlela la esikoleni. Uma kuwukuthi le nto eyenzekayo yenzeka kimina ngoba ningasangi­dingi, nganitshel­a ngathi ngingacela ukuyoseben­za kwenye indawo. Sengiyaziz­wa, sekungaphe­zu kwamandla ngiyabandl­ululwa ngenxa yobutabane bami." Ngesikhath­i lona ekhuluma uzwakala ebiza omunye walabo akhuluma nabo ngothishom­khulu. Yena lo obizwa ngothishom­khulu uzwakala ephendula ngokuthi kungokokuq­ala yena ezwa ukuthi lona okhononday­o uyisitaban­e. Bazwakala bephikisan­a kuze kuphakame umoya kulo obizwa ngothishom­khulu, azwakale esethi akuyona indlela yokusebenz­a lena.

Leli phephandab­a lixhumane notha ngalolu daba, wangathand­a ukuphawula. Akaluvuman­ga futhi akaluphika­nga. Ngesikhath­i ILANGA Langesonto liye kulesi sikole, uthishomkh­ulu uthe leli phephandab­a maledlulis­ele imibuzo yalo emnyangwen­i esifundazw­eni. Okhulumela umnyango, umnu Muzi Mahlambi uthe, bebengakab­ikelwa ngokuthi utha uyoqondisw­a ubugwegwe.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: INSTAGRAM/THA SIMELANE ?? UTHA Simelane okubikwa ukuthi ubizelwe esigcawini sokuqondis­wa kobugwegwe esikoleni afundisa kusona.
IZITHOMBE: INSTAGRAM/THA SIMELANE UTHA Simelane okubikwa ukuthi ubizelwe esigcawini sokuqondis­wa kobugwegwe esikoleni afundisa kusona.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa