Lilengela eweni ikusasa likanontandakubukwa wetheku
LISENGCUPHENI ikusasa likanontandakubukwa weTheku, unkululeko "Tha" Simelane, njengoba kuthiwa angase axoshwe emsebenzini.
Kulindeleke ukuba avele phambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe esikoleni afundisa kusona, isivananda Technical, Kwamashu ngesonto elizayo.
ILANGA Langesonto liyibonile incwadi eyazisa utha ngosuku okumele avele ngalo phambi kwesithangami esiqondisa ubugwegwe, okuwulwesithathu mhla ka-7.
Leli phephandaba lithole ukuthi phakathi kwamacala utha abekwe wona, kukhona elokufika sekwedlule isikhathi sokungena emsebenzini, elokusebenzisa ulimi olungavumelekile emsebenzini, nelokungahloniphi abaphathi.
Leli phephandaba liphinde lezwa nenkulumo eqoshiwe okukholakala ukuthi ibiphakathi kukatha nothishomkhulu.
Eqala nje ukukhuluma lona okuzwakala sengathi ngutha, uthi:
"Ngizwa sengathi ngiyabandlululwa, angazi noma ngibandlululwa ngenxa yokuthi ngiyisitabane yini. "Izinto enizenza kimina ngibona ningibandlulula. Angisathandi. Ngicela nalawa macala enifuna ukungethwesa wona niwahoxise. Nangomhlangano esasinawo esikhathini esedlule, ngazibuza ukuthi kungani nenza lokhu kimina. "Yimina kuphela uthisha wesilisa ophethwe ngale ndlela la esikoleni. Uma kuwukuthi le nto eyenzekayo yenzeka kimina ngoba ningasangidingi, nganitshela ngathi ngingacela ukuyosebenza kwenye indawo. Sengiyazizwa, sekungaphezu kwamandla ngiyabandlululwa ngenxa yobutabane bami." Ngesikhathi lona ekhuluma uzwakala ebiza omunye walabo akhuluma nabo ngothishomkhulu. Yena lo obizwa ngothishomkhulu uzwakala ephendula ngokuthi kungokokuqala yena ezwa ukuthi lona okhonondayo uyisitabane. Bazwakala bephikisana kuze kuphakame umoya kulo obizwa ngothishomkhulu, azwakale esethi akuyona indlela yokusebenza lena.
Leli phephandaba lixhumane notha ngalolu daba, wangathanda ukuphawula. Akaluvumanga futhi akaluphikanga. Ngesikhathi ILANGA Langesonto liye kulesi sikole, uthishomkhulu uthe leli phephandaba maledlulisele imibuzo yalo emnyangweni esifundazweni. Okhulumela umnyango, umnu Muzi Mahlambi uthe, bebengakabikelwa ngokuthi utha uyoqondiswa ubugwegwe.