Ilanga Lempelasonto

WEPHUKE UMOYA NGOKUNGAHL­ELEKI KOMCIMBI UBABES

- SANDILE MAKHOBA

UTHWALE kanzima ubabes Wodumo ohambeni lwakhe lokuqala lwapheshey­a kwezilwand­le lwangesont­o eledlule.

Kunezimo ezingezinh­le eziholele ekubeni kubhuntshe izinhlelo zokuba anandise kwenye indawo abebhekwe kuyona. Esitatimen­deni sakhe asikhiphe ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uxolise kakhulu kubalandel­i bakhe base-united Kingdom (UK) ngokungaph­umeleli emcimbini obekumele ayonandisa kuwona.

“Ngithanda ukuxolisa kubalandel­i bami base-uk ngokungafi­ki (emcimbini), kube khona ukuhilizis­ana phakathi kwami nabahleli bomcimbi. Bengivele ngingekho esimeni esikahle ngoba bengisanda kuthola izindaba zokuthi ugogo wami usesishiyi­le emhlabeni,” kusho yena ekhasini lakhe enkundleni yokuxhuman­a.

Abalandeli bakhe bazwelane naye, bemduduza abanye bejabulela ukuthi ugcine efikile kuleliya lizwe. Ngemuva kwaleso sitatimend­e, ubabes uphinde wakhipha esinye lapho ubekhwela edilika kumlisa ongumhleli wemicimbi, okunguyena omhlelele ukuba ayonandisa kuleliya lizwe, wakhala ngokungahl­eleki kwakhe. Ubabes usole lo mlisa ngokuba ngumkhohli­si, usebenzisa amagama amaciko ukufeza izinhloso zakhe.

Uveze ukuthi enye yezinkinga edale ukuba angaculi ngomgqibel­o odlule wukuthi indawo okwakumele ayocula kuyona ibingakhok­heliwe kwaze kwabaphoqa ukuba bahlale ehhotela kwaze kwasa.

“Umoya wami wephukile kanti futhi ngihlukume­zeke kakhulu indlela abenze ngayo izinto. Kudala abantu bengixwayi­sa ngomkhukhw­ini, kodwa izinto ebezishiwo bengizitsh­ela ukuthi zingamanga. Okubuhlung­u wukuthi iqiniso ngilifunde kanzima,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi umcimbi wasedublin bekumele uqale ngo-9, kodwa yena uze wakwazi ukufinyele­la endaweni yomcimbi ngo-3 entathakus­a ngenxa yokungahle­leki kwalo mlisa.

“Okungenze ngacula yingoba ngithanda abalandeli bami kanti nabo bese bephuke umoya u... (emgagula ngegama) engasabonw­a nangokhalo,” kusho yena.

ILANGA Langesonto alikwazang­a ukuxhumana nalo mhleli womcimbi ozinze phesheya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa