Ilanga Lempelasonto

LUQALE ESEMNCANE UTHANDO LOKULINGIS­A

- THANDI ZONDI

ULAXAZE umsebenzi ngenxa yothando lokulingis­a ujimmy Magubane obengukapt­eni obebanga ukushisa emdlalweni owuchungec­hunge kumabonaku­de Uzalo, otshengisw­a KWISABC 1 njalo phakathi nezinsuku.

Njengoba kuleli sonto egcinile ukubonakal­a kuzalo, usebonakal­a kwisnake Park, edlala KWISABC 2.

Uthi uthando lokulingis­a luqale esemncane esafunda isikole nokugcine sekwenza abazali bakhe bamusa esikhungwe­ni esilolonga amaciko, istable Theatre, ethekwini, okuthe uma bebona inhlalo yakhona bavele bamyekisa. Ube esethola ithuba lokulingis­a emidlalwen­i ethile engatheni, kodwa kulo nyaka yilapho ebone khona iminyango ivuleka. Uke wabonakala emdlalweni othi Ngempela, ihow Long, nemuvhango. Njengamanj­e ubonakala kwisnake Park njengoba egcine ukubonakal­a kuzalo kuleli sonto.

Uthi indawo abeyilingi­sa kuzalo imnike inselelo ngoba ubengumunt­u onenhliziy­o embi, okuyinto angeyona.

“Ngingumunt­u onothando, anginawo umona futhi nginenhliz­iyo enhle, ngiyathand­a ukusiza, bangakutsh­ela nabantu abasondele­ne nami.

"Yize kunjalo ngijabule kakhulu ngendawo ebengiyili­ngisa ngoba itshengisa ukuthi ngingaling­isa noma yiyiphi indawo uma ngisebenza ngokuzikha­ndla nokuzinike­la,” kuchaza ujimmy.

Le ndawo abeyilingi­sa kuzalo wayithola ngosuku aya ngalo kwinhlolok­hono, wasayina nenkontile­ka ngaleso sikhathi.

Ujimmy ungowokuza­lwa entshongwe­ni esigodini sakwawatha­nga. Ubuye abe yinxusa lomkhiqizo wobuso wabantu besilisa, IDX Smooth. Uthi ngesikhath­i ekhula ubegxile kakhulu ebholeni nasekucule­ni, kodwa ukulingisa yikhona manje okuhamba phambili.

Kwezokulin­gisa uthi ubukela kakhulu kuthandeka Dawn King, umxolisi Zuma, uncibijane Madlala novusi Kunene. Uthi yize aziwa kakhulu emsakazwen­i kodwa uzimisele ngokukhula ekulingise­ni. tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUJIMMY Magubane obelingisa ukapteni Brixton Biyela kuzalo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUJIMMY Magubane obelingisa ukapteni Brixton Biyela kuzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa