Ilanga Lempelasonto

EZENKOLO: KNOWLEDGE SIMELANE

-

OSO KE JESU...” Usho njalo umfundisi Zweli Nzuza obeshumaye­la sengathi uphuma ezulwini enkonzweni yediocese yengxenye yebandla lamaLuthel­a ebikwanzim­ela, emelmoth ngesonto, kufike abebemele amasekethe ehlukene KwazuluNat­al.

Ubeze agxume ethi ujabulela ukuthi kuyivelaka­ncane ukushumaye­la ezingeni le- diocese yaleli bandla obekumele kushumayel­e kuyo umengameli Thulani Myaka ongaphumel­elanga ngenxa yesifo ebesivelil­e.

Umfu Nzuza ubiza ujesu ngeBoss nje ubecaphune encwadini ngokukamar­ku 10 ivesi 46 kuya ku-52 lapho kufundeka kanje: “Khona bafika ejeriko. Kwathi esaphuma ejeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kathimewu, ubartimewu, isinxibi esiyimpump­uthe wayehlezi ngasendlel­eni.

“Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu wasenazare­tha, waqala ukumemeza ethi: Jesu Ndodana kadavide ngihawukel­e! Abaningi bamkhuza bathi kathule kepha wamemeza kakhulu kunakuqala wathi: Ndodana kadavide ngi- hawukele! Wayesema ujesu wathi: Mbizeni, bayibiza impumputhe, bathi kuyo: Yima isibindi, usukume uye kuye uyakubiza. Yabe isilahla ingubo yayo yagxuma iya kujesu. Ujesu washo kuyo wathi: ufuna ukuba ngikwenzel­eni na? Impumputhe yathi kuye Rabuni, ukuba ngibone.

Ujesu wathi kuyo hamba uku- kholwa kwakho kukusindis­ile. Yabe isibona khona lapho, yamlandela endleleni.”

“Okokuqala ababhali bebhayibhe­li benza isiqinisek­o sokuthi uma bexoxa indaba basho indawo okwenzeka kuyo leyo ndaba, basho namagama abantu abakhuluma ngabo ukuze konke esikufunda­yo kube nesiqinise­ko.

“Ujesu ngeke umfanise namuntu - wayekhona umhlaba ungakabibi­kho yikho izwi lithi wayenguLiz­wi owaba yinyama. Ngisho ungalanda ochwephesh­e bezimbiwa uthi abaye ethuneni likajesu bayobheka, akusalanga ngisho elilodwa ithambo lakhe wemuka waya ezulwini.

“Ezinye izinkolo zike zizame ukuzifanis­a nojesu, zimbiza ngomphrofe­thi, zisithwe yisithupha ukuthi lona ngumpristi wabapristi uqobo. Impumputhe eyabe iyisinxibi yaba nokukholwa ukuthi ujesu uzoyisindi­sa, kwala abantu sebeyikhuz­a yabelesela wayizwa ujesu, kwathi uma sebebona ukuthi ujesu uyayibiza kwaqala bona futhi bathi ayiye kodwa bebeyikhuz­a.

“Wayibuza ukuthi ifuna ayisize ngani, yazisholo yona ukuthi ifuna ukuba ibone nebala wayitshela ukuthi ukukholwa kwayo kuyisindis­ile yabona,” kushumayel­a umfu Nzuza.

Uqhubeke wathi: “Ujesu uphethe okungaphet­hwe ngezinye izinkolo - ukuthethel­elwa kwezono. Ngiye ngikhathaz­eke abazalwane uma bekhuleka noma becela usizo bazicelele bona bodwa, abasho ukuthi sithethele­ne izono zethu noma sicela bazibeka bona bodwa phambili.

“Hawu kodwa bazalwane lona ngujesu oyisimanga okwathi ngisho esesiphamb­anweni okunye okungufele­ba wesosha elaliyichi­de okwamgwaza ohlangothi­ni kwaphuma amanzi negazi kodwa iconsi lamanzi lathela esweni lechide labona ngaso leso sikhathi kwasho okungufele­ba kwathi: Ngempela uyindodana kankulunku­lu. Yingakho nje ngithi Boso ke Jesu.”

“Asibakhule­kele bonke abangaboni ngisho ebandleni lethu imbala, sibanxusel­e kujesu ukuba abenze babone. Kuwumseben­zi wethu ukuba sikhulekel­ane. Kepha okukhulu okumele onke amakholwa akubeke emiqondwen­i ukuba ahambe ekhuleka imihla yonke yokuphila kwawo, athi Jesu, ndodana kadavide ngihawukel­e.”

 ??  ?? UMFU Zweli Nzuza webandla lamaluthel­a eshumayela Kwanzimela, emelmoth.
UMFU Zweli Nzuza webandla lamaluthel­a eshumayela Kwanzimela, emelmoth.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa