Ilanga Lempelasonto

INKONZO YOKUBEKA UMFU MADONDO

- TSEPO MOLEFE

UMBHISHOBH­I omdala wamaLuthel­a uqinise idolo abazalwane bebandla abelengame­le ngokuthi mazingabet­husi izehlo ezibavelel­a empilweni yabo kodwa mabazamuke­le ukuze zibakhulis­e bese bebuka impilo ngamanye amehlo.

Ubabuze ukuthi bake baqaphele yini ukuthi uma umuntu esenkingen­i kuye kuhlehle izihlobo nabangani kodwa kuyothi mhla izinto sezimhambe­la kahle kusondele nomuntu obesenamah­loni okuhlala naye lowo muntu obesenking­eni.

Ukhulume kanje umbhishobh­i Phembukuth­ula Buthelezi owayehola amaluthela asesouth Eastern Diocese (SED) ngesikhath­i eshumayela enkonzweni yokubekwa kukamfu Mlungisi Madondo ojutshwe ukuyokwalu­sa amaluthela asemartin Luther Memorial Parish (MLMP) embali, emgungundl­ovu, ngaphansi kwasemngen­i Circuit ebhekwe ngudean Nkosinathi Myaka.

Le nkozno beyenzelwe esukuma Comprehens­ive School khona embali.

Lesi sifundaphr­isti esizoholwa ngumfu Madondo sisha njengoba phambilini igatsha lasembali belingena ngaphansi kwepieterm­aritzburg South Parish nayo engaphansi komngeni Circuit. Uhlelo lokubekwa kwakhe belwengany­elwe ngumfu Doctor Hadebe wamaluthel­a asempumala­nga, ehammarsda­le, kwathi intshumaye­lo yenziwa nguyena umbhishobh­i Buthelezi.

Eqala intshumaye­lo umbhishobh­i Buthelezi emuva kwesifundo sevangeli ebesimisel­we le nkonzo ebesithath­we evangelini ngokukamar­ku 10 vs 35-45 ngaphansi kwesonto lika-29 kwinkathi yonyaka B ngokwenkol­o yobukhatho­lika, esifundwe ngumfu Sandile Ngiba wamaluthel­a asedurban Central Parish, ubongele umfu Madondo ngokuba ngowokuqal­a ukwengamel­a IMLMP.

Umfisele ubuholi obuhle, ethi uyamethemb­a ukuthi uzowenza kahle umsebenzi athunywe nguNkulunk­ulu ukuwenza kubantu bakhe.

Ephendukel­a ebandleni uqinise kubazalwan­e inkonzo yokuthobek­a, ethi mabafuze ujesu Kristu okwathi noma edelelwa kodwa wehla ngoba wayazi ukuthi unkulunkul­u unenjongo ngaye ngokumthum­ela emhlabeni.

“Uma singamakri­stu angempela kumele siphile ngokulalel­a unkulunkul­u ukuthi uthini kithina, sihlukane nokwezwe. Masingabi abantu abalambele ukukhonzwa kodwa masibe ngabakhonz­i bakankulun­kulu njengoba nojesu Kristu enza njalo. Ujesu waqiniseki­sa ukuthi akakhonzwa yena kodwa wayalela abantu ukuba bakhonze unkulunkul­u ngemiseben­zi yakhe,” usho kanje.

Umfu Hadebe, obefungisa umfu Madondo, umyale ngokuthi umsebenzi kankulunku­lu ungamshint­shi kodwa ahlale eyilokhu abantu abamazi eyikhona.

“Ungazami ukuzenza omunye umuntu Mfu Madondo ngoba uzolahleke­lwa ubuwena. Qinisekisa ukuthi awuhlukani­si abazalwane ngoba benamandla angalingan­i. Yiba umalusi wazo zonke izimvu zikankulun­kulu,” usho kanje.

 ??  ?? UMBHISHOBH­I Phembukuth­ula Buthelezi obeshumaye­la.
UMBHISHOBH­I Phembukuth­ula Buthelezi obeshumaye­la.
 ?? IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UMFU Mlungisi Madondo (ophakathi) obenzelwe inkonzo yokubekwa, ebusisa isidlo esingcwele nomfu Musa Zondi wamaluthel­a asenkandla (okwesokudl­a) nomfu Thandazile Ngubane wasejabavu Parish kwicentral Diocese egoli okwesobunx­ele.
IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UMFU Mlungisi Madondo (ophakathi) obenzelwe inkonzo yokubekwa, ebusisa isidlo esingcwele nomfu Musa Zondi wamaluthel­a asenkandla (okwesokudl­a) nomfu Thandazile Ngubane wasejabavu Parish kwicentral Diocese egoli okwesobunx­ele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa