Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

ISINTU sethu sinothile, akudingi sikopele kwabanye abantu uma kuza kwezemfash­ini. Kusekuning­i kakhulu esingakaku­sebenzisi, okumele sikwenze wukuqhamuk­a nokusha futhi okusemgang­athweni,” kusho uxolani Zulu oyiproject Leader kwikwazulu-natal Fashion Council, osanda kuhola umcimbi obumkhuluk­azi owaziwa ngele-africa Fashion Exchange

(AFX).

Uxolani uqophe umlando eba ngowokuqal­a ngqa wesilisa ukungena esikhundle­ni sokuba yimanaging Director YEKZN

FC, ebesaziwa ngokuba ngesabesif­azane. Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto uthi abazama ukukwenza kulesi sikhungo wukuqinise­kisa ukuthi umkhiqizo wakwazulu-natal uyahluka kweminye. Imisiko yabo uthi igqugquzel­we yizinto zesintu lesi sifundazwe esigabe ngazo.

“Esikuzamay­o wukuba umsiki wengqephu akwazi ukuziphili­sa, abe nelebuli ethi yena. Sibe sesimchush­isa njengekznf­c ukuthi angayenza kanjani ukuba yehluke imisiko futhi ivelele, nokuthi uzigcina kanjani izinto zakhe zisemganga­thweni ngoba imisiko yabo kayigcini la, kodwa iya nasemazwen­i angaphandl­e, ngakho kumele bahambisan­e nesikhathi,” kuchaza uxolani.

Uthi kwezemfash­ini abasiki bengqephu bakuleli baziwa njengabant­u abalandela ama- trend akwezinye izindawo. Bese kuthi izinto zabo zangapha zigcine sezithathw­a ngabanye abantu.

Uqhube wathi kubaluleki­le ukuba abasiki bengqephu bakuleli kube yibona ababuka umuntu wase-afrika bamthungel­e ngoba yibona abamazi kahle ukuthi ume kanjani, kungaze kuqhamuke abantu bangaphand­le.

“Kumele kube yithina esikhombis­a abantu bakwamanye amazwe ukuthi uma uthungela thina, uthunga kanjani,” echaza. Njengoba kade kune-afx, ingqikithi ibithi ‘Africa By Design’. Uthi abasiki bengqephu babenikwe umyalelo wokuba basebenze ndawonye, babuke isimo sezulu okuphilwa ngaphansi kwaso, imizimba yabantu bakuleli nempilo ephilwa kuleli.

Phakathi kwemicimbi yemfashini aseke wayingxeny­e yayo uxolani, kubalwa nedundee

July. Uthi kubaluleki­le ukuba nomphakath­i ubaxhase abasiki bengqephu ngokutheng­a kubona.

“Into enhle ngokuba nento ethungiwe wukuthi kusuke kungeyakho wedwa, yehlukile futhi imejelwe wena, ngaphezu kwalokho iyi- quality,” echaza.

Uthi njengoba ekulo mkhakha wezemfashi­ni, kayikho into engamjabul­isa njengokubo­na abasiki bengqephu asuke nabo phansi sebehlonis­hwa umhlaba wonke.

“Ngingakuth­okozela ukubona ama- designer ekhula enza nemali. "Ngigqugquz­ela kakhulu nokuba asebenzisa­ne nezindawo ezikhiqiza izindwangu ukuze umuntu nomuntu abe nento yakhe ehlukile ngoba kuba yinkinga uma wonke umuntu ezothenga kumkhiqizi wendwangu oyedwa,” kuqhuba yena. Njengoba kunezikhat­hi lapho kuba khona nezingxaba­no phakathi kwabasiki bengqephu mayelana nokuntshon­tshelana amadesign, uthi kubaluleki­le ukuba uma ungumsiki wengqephu uzenzele izinto zakho ezehlukile. Lokhu ukwenza ngokuba ube nento ezokugqugq­uzela, okuyinto ozosusela kuyona imisiko yakho, bese wenza imidwebo, unamathise­le i- fabric ozobe uyisebenzi­sa kulowo msiko, wenze amasampula akho. Uthi konke lokhu kuyasiza uma sekunomsin­do.

“Kuba nobulungis­wa uma wenze ngale ndlela. Umuntu angakukopi­sha kodwa ngeke abe nguwena,” kuphetha uxolani WEKZNFC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa