Ilanga Lempelasonto

4. NGAZE NGAFA YINDLALA

-

omunye akanayo, baze bathole nabantwana, bakhe umuzi bahlale banethezek­e kube mnandi.

Lokho kusho ukuthi into ebalulekil­e wuthando lweqiniso. Kuhle khona ukuzinakek­ela, uqikelele ukuthi igciwane awulitholi. Into okufanele ukuba uyenze ukuhamba uyofuna ulwazi kudokotela noma emtholampi­lo, bese naye umthatha niyofuna izeluleko.

Abezempilo kuyofanele nibabikele isimo bese beneluleka ngokufanel­e nikwenze. Musa ukuze uziphathis­a nge- stress ngento encane sisi, umuntu oneHIV useyakwazi ukuphila impilo ejwayeleki­le uma eziphethe kahle, edla nemishangu­zo.

Ungambalek­eli umuntu ngoba enehiv - uma umthanda hlala naye.

Ungakhohlw­a ukubonga isoka lakho ngokwethem­beka - omunye umuntu ubengeke akutshele isimo sakhe, ubezokwesu­lela ngalo igciwane akushiye kanjalo futhi. qe ukuba akuthande ngenkani, kuyodingek­a ukuba uqine, wamukele isimo uziqhubeke­le nempilo. Bese ngokuzayo ugwema iphutha olenzile lokufihla isimo sakho. UMBUZO: NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka ewu-48 ubudala, ngithandan­a nomlisa ona-62 iminyaka yobudala, sihlala ndawonye. Inkinga yami ukuthi wake wahamba iminyaka emibili ehlala nenye intombi.

Ngendlela engangimth­anda ngayo ngasukuma ngihamba izinyanga waze wabuya. Ukubuya kwakhe induku yakhe ayisavuki, sesiyalala nje kanti mina igazi lisagijima. Uma ngibuza ngalokhu uvele athi uyagula, sengizizwa ngiphelelw­a uthando lwakhe manje. Uma ngithi akaye kubo akafuni, ngingenzen­jani? Sizani bo, iyangibula­la indlala.

IMPENDULO: zixaki ngokuyozam­a naye, noma kukhona lapho ngizwe khona ngimtshela akayingeni. Manje angisalibo­ni ikusasa othandweni lwethu, bengilokhu ngibekezel­e ngithi kuzoba ngcono kodwa kuphela isineke.

Bengithi ngenza ubulungisw­a ngokuba naye noma kusambhede­la kodwa sengibona engathi akayona indoda eqotho engiyiding­ayo. Angazi noma uyivila kumbe akangicaba­ngeli.

Ngibona sekuyimi owenza umsebenzi wakhe njengendod­a. Ngiyamthan­da kodwa kunzima, usefana nengane yami. Ngineminya­ka ewu-34, ngingakuja­bulela ukutotoswa othandweni ngikhishwe, ngithengel­we nezipho ezingangij­abulisa kodwa manje uthando lwethu seluyaband­a nje.

IMPENDULO: Waze walubeka lwacaca udaba lwakho dadewethu, siyazwakal­a impela isikhalo sakho futhi akuyona imbudane le okhala ngayo.

Engikuthan­da ngawe ukuthi kunemizamo osuyenzile ukulekelel­a isoka lakho ukuba lithole umsebenzi kodwa ulibona lizithela ngabandayo. Futhi sekuneminy­aka uhleli naye umbekezele­le kulesi simo.

Kungenzeka ukuba lo mlisa yivilavoco elingafuni ukusebenza, elifuna ukondliwa. Mhlawumbe ukuba uyazama naye, kubonakale ukuthi uzimisele ngokuthola umsebenzi ngabe kuyezwakal­a kodwa uma ezithela ngabandayo kusho ukuthi akundoda yalutho leyo.

Kuyiqiniso ukuthi kuyo yonke into esiyenzayo empilweni kufanele kube nenqubekel­a phambili, awukwazi ukumosha isikhathi sakho ngokuhlala othandweni olungayi phambili.

Ngicela uhlale naye phansi uke umbuze ukuthi uzimisele ngani empilweni, bese umtshela ukuthi wena uzizwa kanjani ngendlela aziphethe ngayo.

Emuva kwaleyo ngxoxo yenu kuyoba lula ukuba uthathe isinqumo esifanele. kungenzeka ukuba inkinga ikuye.

Kungenzeka ukuba izinga lokulangaz­elela le nkonzo lehlile kuye egazini ngenxa yezizathu ezithile zempilo.

Kungenzeka futhi ukuthi nguwe ohlulekayo ukumanelis­a, lokho kumenza angalangaz­eleli. Kukhona amadoda angamavila, angenamdla­ndla futhi angakwazi ukufinyele­la ezindaweni ezithokozi­sa owesifazan­e.

Kodwa-ke ngicela nike nihlale phansi nixoxe, ningaxaban­i kodwa nikhulume amaqiniso nje. Indaba yale nkonzo inkulu, imizi iyabhidlik­a ngenxa yokuthi kusuke sekukhona onganelise­kile. Uma kunesimo esithile esidinga ukuba kutholakal­e usizo lwezempilo, hambani niye kodokotela.

*Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa