Ilanga Lempelasonto

3. NGIZOMTSHE­LA KANJANI UKUTHI NGI-HIV+?

-

UMBUZO: NGABE ngidalelwe isithembu yini? Ngingowesi­fazane, ngineminya­ka ewu-33, angiganile.

Ekuqomeni kwami bengizitho­la senginomna­kwethu futhi ngizwane naye, naye azizwe ejabule ngokubakho­na kwami kodwa ngibona engathi le nto iyangiland­ela noma sengimdala isenzeka, senginokus­ithokozela isithembu futhi ngizizwa ngikhulule­kile ngaso.

Ngabe kuyinto elungile le engiyizway­o ngesithemb­u?

IMPENDULO: KUYANGITHO­KOZISA ukuvula ingosi yanamhlanj­e ngencwadi yakho nkosazane. Ayiqukethe buhlungu nalusizi.

Uzwakala ungumuntu wesifazane ongenaso isikhwele njengoba usho ukuthi uyakwazi ukwemukela abanakwenu osuke unabo esokeni lenu.

Akujwayele­kile ukuba umuntu angabi naso isikhwele - ngiyakubon­gela nje ngenhliziy­o onayo ekwazi ukubekezel­a ngalolu hlobo. Ngicabanga ukuthi unesiphiwo sokwazi ukuhlalisa­na nabanye abantu ngokuthula.

Futhi uzwakala ungumuntu othobekile nobahlonip­hayo abanye. Lokhu ngikusho ngoba uthi nabo abanakwenu baye bakuthokoz­ele ukuba khona kwakho.

Dadewethu kufanele wazi ukuthi kubaluleke kakhulu empilweni ukuhlala ukhululeki­le futhi unokwaneli­seka nokujabula ngaphakath­i. Abantu bayokubona ukhuluphal­a nje baze bazibuze ukuthi udlani, kanti ukhuluphal­iswa ukukhulule­ka emoyeni.

Engingakus­ho kuwe ukuthi uma into ikuthokozi­sa, yenze. Ungalokhu ubuza kubantu abasemacel­eni. Uma isithembu sikuthokoz­isa, ngena kuso uzihlalele phansi. UMBUZO: NGINENKING­A, ngingowesi­fazane oneminyaka ewu32. Sinonyaka nezinyanga eziwu-4 nomuntu engithanda­na naye kodwa angazi ngizomtshe­la kanjani ukuthi ngihiv+ ngoba uyangethem­ba usezinhlel­weni zokuya ekhaya.

Angisazi esakhe isimo, asize singakhulu­ma ngesimo sethu. Ngisizeni, ngenzenjan­i? Ngiyamthan­da kodwa ngiyesaba ukumazisa ngoba ngisaba ukuthi uzongishiy­a, angiziboni ngihlukana naye.

IMPENDULO:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa