6. U-FACEBOOK UPHAZAMISA INKONZO
LE ndaba yakho ingishiya ngibhekene nodweshu lwangaphakathi - kukhona umuzwa othi angingakuphenduli, ophikisana nomuzwa othi mangikuphendule. Ngiyahluleka nokho ukukufihlela ukuthi isenzo sakho siyanginenga.
Uzwakala ungumuntu onobugovu - ngesingisi ngingathi u- selfish. Uzwakala ungumuntu ozicabangela yena kuphela, ongenandaba nomunye umuntu. Mubi umuntu ongabacabangeli abanye. Okokuqala nje uthi wahambela isoka elaselikushiyile, waliyela ezinyangeni laze labuya.
Uma selibuya nenkinga elinayo wena futhi awusalifuni, usuyalixosha ufuna liye kubo ngoba induku ayisavuki. Kanti bekuwumshini wokujabulisa wena ekamelweni yini lona?
Uma usuhluleka ukuhlala naye ngenxa yenkinga abhekene nayo ubuvele ungamthandi kodwa ubumfunela ukuba ajabulise wena nje embhedeni. Awucabangi yini ukuthi mhlawumbe yikho ukumhambela kwakho ezinyangeni okumenze waze wanenduku engavuki?
Kungani ungamsizi, umthathe umyise kodokotela noma kuzo izinyanga lezo ukuze kuhlolwe inkinga abhekene nayo, asizakale? Kahle hle umuntu odinga usizo lapha yile ndoda, hhayi wena.
Engingakusho nje ukuthi thatha lo muntu umsize ngoba phela ula-ndwe nguwena lapho ebezihlalele khona. Akukuhle ukuba bese umlahla kanjalo nje. Ngicela umlekelele asizakale. UMBUZO: NGINGOWESILISA oganiwe, inkinga yami ukuthi mangicela lo mama ukuba senze inkonzo yasekamelweni uvesane alibale ufacebook. Noma siyenza kodwa ebefunda wona, manje angazi inkinga ikuphi.
IMPENDULO: Ngifisa ukwazi ukuthi inkosikazi yakho ngumuntu ongakanani ngokweminyaka. Kodwa-ke ungayithathi kancane le ndaba, yisimo lesi esiyinkomba yokuthi kukhona okungahambi kahle emzini wakho. Maningi amathuba okuthi akasakuthokozeli ukuba senkonzweni yasekamelweni nawe kanti futhi