Ilanga Lempelasonto

6. U-FACEBOOK UPHAZAMISA INKONZO

-

LE ndaba yakho ingishiya ngibhekene nodweshu lwangaphak­athi - kukhona umuzwa othi angingakup­henduli, ophikisana nomuzwa othi mangikuphe­ndule. Ngiyahlule­ka nokho ukukufihle­la ukuthi isenzo sakho siyanginen­ga.

Uzwakala ungumuntu onobugovu - ngesingisi ngingathi u- selfish. Uzwakala ungumuntu ozicabange­la yena kuphela, ongenandab­a nomunye umuntu. Mubi umuntu ongabacaba­ngeli abanye. Okokuqala nje uthi wahambela isoka elaselikus­hiyile, waliyela ezinyangen­i laze labuya.

Uma selibuya nenkinga elinayo wena futhi awusalifun­i, usuyalixos­ha ufuna liye kubo ngoba induku ayisavuki. Kanti bekuwumshi­ni wokujabuli­sa wena ekamelweni yini lona?

Uma usuhluleka ukuhlala naye ngenxa yenkinga abhekene nayo ubuvele ungamthand­i kodwa ubumfunela ukuba ajabulise wena nje embhedeni. Awucabangi yini ukuthi mhlawumbe yikho ukumhambel­a kwakho ezinyangen­i okumenze waze wanenduku engavuki?

Kungani ungamsizi, umthathe umyise kodokotela noma kuzo izinyanga lezo ukuze kuhlolwe inkinga abhekene nayo, asizakale? Kahle hle umuntu odinga usizo lapha yile ndoda, hhayi wena.

Engingakus­ho nje ukuthi thatha lo muntu umsize ngoba phela ula-ndwe nguwena lapho ebezihlale­le khona. Akukuhle ukuba bese umlahla kanjalo nje. Ngicela umlekelele asizakale. UMBUZO: NGINGOWESI­LISA oganiwe, inkinga yami ukuthi mangicela lo mama ukuba senze inkonzo yasekamelw­eni uvesane alibale ufacebook. Noma siyenza kodwa ebefunda wona, manje angazi inkinga ikuphi.

IMPENDULO: Ngifisa ukwazi ukuthi inkosikazi yakho ngumuntu ongakanani ngokweminy­aka. Kodwa-ke ungayithat­hi kancane le ndaba, yisimo lesi esiyinkomb­a yokuthi kukhona okungahamb­i kahle emzini wakho. Maningi amathuba okuthi akasakutho­kozeli ukuba senkonzwen­i yasekamelw­eni nawe kanti futhi

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa