Ilanga Lempelasonto

2. NGESABA UKUTHI UNE-HIV

-

UMBUZO: NGINENKING­A, ngisothand­weni nobhuti ona-40, mina ngina-26. Ngiyamthan­da lo bhuti kodwa unehiv mina anginayo futhi angikaze ngilale naye, selokhu angitshela lokho nje ngiyamesab­a. Inkinga uthando lwakhe luyangehlu­la, ngiyamthan­da.

IMPENDULO: Udaba lwakho lukhomba ngokusobal­a ukuthi ungumuntu ongenalo ulwazi olwanele ngehiv, udinga ukufunda kabanzi ngaleli gciwane.

Okokuqala nje okufanele ukwazi ukuthi umuntu onehiv akusho ukuthi uyagula futhi akusho ukuthi akafanele ukuthandan­a nomuntu ongenalo.

Kunabantu abaze bafinyelel­e esigabeni somshado, othola ukuthi oyedwa wabo une

HIV kodwa

DADEWETHU, nenze iphutha ngokuthula isikhathi eside ningaxoxi ngale ndaba, ngizokhulu­ma ngibhekise kuwe ngoba ngixoxa nawe lapha.

Ayikho into ekhulula umphefumul­o womuntu njengokwet­hembeka nokukhulum­a iqiniso linjengoba linjalo. Indaba yezimfihlo othandweni ayisebenzi kodwa yona izinto. Ukuba nje washeshe wamtshela ngesimo sakho nisalwakha lolu thando lwenu ngabe ukhululeki­le manje emoyeni.

Ngiyethemb­a nokho ukuthi uyazinakek­ela futhi uyayidla nemishangu­zo, futhi niyakusebe­nzisa nokokuzivi­kela.

Into ezokusiza njengamanj­e ukuba uvele uqunge isibindi, uhlale naye phansi umtshele, naye futhi akutshele ngesakhe isimo. Kodwa uma wesaba ukumtshela wena siqu sakho hamba uye kwabezempi­lo bakwelulek­e ngokufanel­e ukwenze - kungaba ngudokotel­a wakho noma emtholampi­lo.

Kufanele wazi futhi ukulindele ukuthi kungenzeka yena uma engenalo igciwane angakwemuk­eli, bese niyehlukan­a. Ngiyazi ukuthi uyamthanda futhi uzimisele ngaye kodwa yazi ukuthi uma ekuchitha

ngeke umpho-

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa