Ilanga Lempelasonto

Kumsizile ukusheshe azimele owokhozi FM

- ZOWAKHA MBATHA

USIBONAKAL­ISO Sithole wokhozi FM, owaziwa ngelikasbo Fokol, uthi nakuba kungazange kube lula ukungena kulesi sikhondlak­hondla somsakazo kodwa namuhla konke sekumhambe­la kahle.

Usbo, ongowokuda­buka egreytown kodwa osezinze esoweto, egoli, uthi nendlela akhule ngayo ibe nomkhulu umthelela kwayikho namuhla njengoba ekhuliswe nguninakhu­lu, waphinde wakhuliswa nguyise ongamzali.

“Ngesikhath­i ngifika egoli okunye bekumele ngizizamel­e ngoba ngingahlal­i nobaba ongizalayo engize ngazana naye sengikhuli­le. Nanamuhla kasikaze sisondelan­e naye kangangoku­ba noma sekudlule umama emhlabeni ngo-2008 u- step father wami akazange angilahle.ukuzimela kungisizil­e njengoba kunezinhle­lo engizenzay­o ukuzikhuli­sa ngale nje kwengikwen­za emsakazwen­i,” usho kanje.

Ngaphambi kokungena okhozini FM wayesebenz­ele isiteshi somphakath­i, ithetha FM (Vaal Community Radio), angene kuyo emuva kokuphothu­la idiploma in Media Studies.

Uthi kumsizile kakhulu lokho njengoba manje eseyitechn­ical Producer yolunye lwezinhlel­o ezigqamile okhozini FM, indiza Nathi, olwenziwa ngusbu nomroza Buthelezi.

“Emsakazwen­i womphakath­i kulindele- kile ukwenza amaphutha okungafane­le uwenze emsakazwen­i omkhulu. Kuba nzima uma usafika ngoba usuke ufana nomuntu ongenaluth­o esandleni ekubeni kulindelek­e ukuba wenzele abathize ama- favour, abanye befuna ukufeza izinhloso zabo ngawe. Ngiyafisa ngelinye ilanga ngithole ithuba lokusakaza uhlelo olukhulu okhozini ukuze ngikhule ngolwazi, mhlawumbe ngigcine sengifinye­lela ezingeni lokuphatha,” usho kanje.

Kulesi siteshi useke wahlomula ngendondo yebest Afternoon Drive Show kumamtn Radio Awards ngo-2012 no-13.

Nohlelo alwenzayo kuyimanje lomculo we- hip hop, inamba Namba, luke lwahlomula ngendondo yebest Radio Show kumasouth African Hip Hop Awards ngo2016. Ngale kokusebenz­a okhozini, uzovela engudj ohlelweni, i-one Mic, KUSABC 1, oluzoqala maduze kanti abanye bamazi ngelebuli yakhe yezimpahla IS-FOKOL.

Uphinde abe nezinhlelo azenzayo zokuthuthu­kisa abasemboni­ni ye- hip hop, abasafufus­a ngokubatho­lela izinkontil­eka zokuqopha namasentsh­ana.

Ebuzwa ngezidubed­ube eziqhubeka kulo msakazo nokuthi zibathinta kanjani, uvele waqhephuka ngohleko, wayivala ngokuthi: “Sibuthebel­ele thina, angazi-ke noma kwenza ukuthi simbalwa yini lapha egoli, akukho ukuthi kuzoke kuhlanganw­e emaphaseji kube nezinguyaz­ana.”

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USBO Fokol wokhozi FM.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USBO Fokol wokhozi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa