Ilanga Lempelasonto

U-fey unqume ukuzimela e

- ZOWAKHA MBATHA

UMANQIKA ukujoyina izinkampan­i ezinkulu nesezinedu­mela umculi owaziwa kakhulu Kwazulu-natal ngephimbo elihlukile ezingomeni zodj nabaculi okukhona kubo nesihlaban­i, uprofessor.

Ufey, ogama lakhe langempela nguzethu Faith Mpethwane, okhulele empendle (ethunzi), nasempopho­meni ngasemgung­undlovu, ugqame kakhulu engomeni ayenze nomgarimbe wodumo lukasista Bethina ethi, “Revolution Song” kodwa kulezi zinsuku ugqame ngayenze noprofesso­r ethi, “Brand New”.

Abanye baqale ukumqaphel­a engomeni kadj Wonder ebishisa izikhotha cishe eminyakeni emibili edlule ethi, “Tomorrow” nesadlalwa kakhulu namanje.

Uthi ukuhlala isikhathi eside estudiyo nabaculi asebemnkan­tshubomvu kumfundise ukuthi kungcono ukulinda, kunokujaha izinto bese uzibopheze­la ezinkampan­ini zabanye abantu.

Uthi okunye akufundile kulaba baculi abebemfuka­mele yindlela yokuziphat­ha uma uyocula njengoba yena ebezazela kakhulu imidlalo yasesiteji ngaphambi kokungena emculweni.

Ukukhulela emakhaya kwenze aba mancane amathuba okuvulelek­a ezintweni ongazenza nokwenze wagxila emidlalwen­i ejwayeleki­le ezikoleni zasemakhay­a njengoba efunde ethunzi C.P School nasempopho­meni High School kwaze kwaba uthola ithuba ehlonzwa yinkampani yoqweqwe lwezamafil­imu, utony Kgoroge (olingisa indawo kazimele kwimbewu kwi-e.tv), nomkakhe, usthan “Kusukela ngaleso sikhathi ngizitshel­a ukuthi uma ngiqed ngizoyokwe­nza izifundo zokuli Lezi zifundo bezitholak­ala ets kuphela ngalowo nyaka kanti n kuzoshona umama ngo-2004 an sakwazi ukuqhubeka nazo njen kunguye owayengenz­ela yonke ngaleso sikhathi.

Echaza ngokungena kwakhe lweni uthi: “Ngithole ucingo lu (ongu- producer owaziwayo) eth ze estudiyo ngoba umgarimbe owesifazan­e ozofaka iphimbo l (kwazaleka irevolutio­n Song).

“Yiyona ngoma le engifake n banye abaculi ngoba kusukela bese ngithola izingcingo zokuz ezingomeni zabaningi,” uchaze ngokungena kwakhe emculwen

Uthi nakuba kungelula ukuz

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa