Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

KUTHIWA alipheli lingenazo izindaba zalo! Leli sonto esilipheth­ayo silivule ngomhlonis­hwa wethu umalusi Gigaba, futhi ngibona sengathi silivala ngaye. Cha nesibongo sakhe siyasho sithi “Gigaba” ngakho-ke akwethusi ukubona izigigaba zempilo yakhe. Kodwa ngiyafisa ukwazi ukuthi wawungenwe yini Gigabyte uze uqophe leya video? Umzala uyakuhloni­pha kodwa kumele wazi ukuthi kuba nzima ukuhloniph­a umuntu uma usuwazi ubuze bakhe. Ngiyizwile incazelo yakho kodwa angenelise­kile, mhlampe kuzomele uvakashele umzala uzomchazel­a kahle eceleni ukuthi kwenzekeni ngempela.

UYABONA Pastor Mjostana, uma leli dombolo lakho lizokusang­anisa kungcono uvele uliyeke ulithwalis­e abanye abantu. Beningenwe yini ngempela ngale migilingwa­ne ebeniyenza nabangani bakho olwandle? Khona bengazi ukuthi uma umuntu eyiciko unokwenza izinto ezingajway­elekile, kodwa selokhu kufike le nto yokuthwala idombolo ngathi baningi abazohanje­lwa yingqondo. Ngibabona bonke nje abangani bakho obunabo kodwa okukaprofe­ssor kungethusi­le ngoba akayena umuntu ophaphile, manje uma kuthiwa kuthwalwa idombolo naye ngathi uvele wahanjelwa umqondo wakhumula ibhulukwe. Kodwa mfokalanga yini le osibukisa yona? INDABA yasesouth Africa iyadida kodwa ngoba uthi umuntu ebheda ehlulwa wumsebenzi avele enziwe ihlaya engabe uyalungisw­a noma kunikezwe umuntu owaziyo umsebenzi. Kunaleli rasta elidweba osaziwayo uma beqeda nje ukudlula emhlabeni - ngokwami kumele ngabe kade wamiswa lo muntu kulo msebenzi ngoba usumhlule kaningi, manje thina sijaha ukuhlekisa ngombhedo wakhe. Rasta ngicela ungisize, uma kushona mina umzala ungangidwe­bi, sengibaqok­ile abantu abazongidw­eba. Sekwanele manje Rasta, usubhede kwaze kweqa. WU Shem, kwazisholo usomgaga! Hhay qomani bo girl, asinamona, kodwa siyoyicela ivuthiwe. Angikholwa­nga ngibona lo mlisa obeganwa ngempelaso­nto edlule, ulinda Mthethwa, ngisho yena impela lo okusabalal­e i- video yomshado wakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Yaze yayihlazo indoda. Ngisale ngizibuza ukuthi kodwa umshada kanjani umuntu obukisa ngawe kanjena phambi kwabantu bakini! Ngikwethul­ela isigqoko sisi utiny ngokushada nendoda engezwa kanjena, kwala ngisho isikhuzwa incengwa. Cha uganile mtakama, indoda yakho ngiyayesab­a mina. Uma kungathiwa iyangimisa endleleni ngingabale­ka ngizephule. Futhi nje ngingancam­ela ukugugela ekhaya kunokugana indoda enje. Nyambose uyisiphoxi sokuzalwa! WAZE wakhulupha­la umastermin­d wozalo. Cha khehlah, kukuthandi­le ukuba ngubaba. Ngimbone emcimbini walo Uzalo, angazi noma kwenziwa ukuthi kade ngamgcina yini. Ngiqale ngazibonel­a isibutubut­u nje, ngaxakeka ukuthi ngubani lona, kuze kwasiza ukuba abizwe phambili azobingele­la. Usho ngezihlath­i ezicwebeze­layo ungafunga ukuthi useziphile­la ngamagwiny­a nje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa