Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUNEMIBONO okuzodinge­ka uyiqhakamb­ise ehambisana kakhulu nezinguquk­o eziya phambili. Ungaba namasu okuguqula indlela abanye abacabanga ngayo. Uwusizo kwabanye kodwa abaningi abakubongi ngendlela oyilindele.

ARIES

UNGATHATHI izinqumo eziphuthum­ayo ungakazihl­aziyi. Uyakuqonda ukuthi uhlale udlula ezimweni ezahlukene ezikunyaka­zisayo. Amazwi akho kumele akhe futhi avuselele labo asebephele­lwe yithemba.

TAURUS (April 20-May 20)

UMNYAKAZO owenzayo empilweni yakho kumele ukhombise ukuthi ulangazele­le izinto ezinkulu. Kunezinhle­lo ogcina ngokuzicab­anga ubuye ungaziland­eli. Kumele uhlale uqaphele njalo amathuba angase avuleke.

GEMINI (May 21-June 21)

NANXA kukhona okungahamb­anga kahle ezinhlelwe­ni zakho kodwa zikhona izinto ozishaya isifuba ngazo. Uze ungazami ukuhlehlis­a izinto ngoba uzobona sekukuning­i kakhulu okumele ukwenze.

CANCER

NGEKE kukusize ukulokhu ubalisa ngamaphuth­a osuwenzile, okubalulek­ile ukuba uthole isifundo esithile kuwona. Ukufezeka kwezinye izinto empilweni yakho kuzoncika ekutheni wena ugxile kukuphi.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UZINIKELE kakhulu ekuthungat­heni okusha ukuze uhlale uhlomile njalo. Uzothola ukutuswa kakhulu kwamanye amagalelo akho athinta ukuzithuth­ukisa. Abanye babuye bakubone ungumuntu onokuzipha­kamisa.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

QIKELELA ukuthi amancoko akho awahlali kabuhlungu kwabanye. Uzohluza ingqondo yakho bese ikwazi ukuqhamuka namasu akhaliphe kakhulu. Zixolele wena kulokhu okungahamb­anga ngendlela oyilindele.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UKUZE impilo yakho ibe lula ngendlela ofisa ngayo, beka phambili lezo zinto ezisemqoka. Konke okuhlongoz­ayo kuzodingek­a kubonakale ngokushesh­a. Akukho okukuphath­a kabi empilweni njengokugx­ekwa.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IZINTO ezidla isikhathi sakho kumele uqhelelane nazo ngoba isikhathi sisemqoka kakhulu. Amathemba empilweni ayakuseben­zela ngoba akunika isiqinisek­o ngokunye okungakafe­zeki.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

IZINTO zibukeka zingaba umzabalazo empilweni yakho kodwa konke okwesikhas­hana. Ukusukuma nje ulungise lokho okungalung­ile kuzodingek­a kube nomphumela obonakalay­o.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

INDLELA ozogqamisa ngayo ubumqoka bakho wukuvele wenze okuningi okunobuhla­kani. Uma nje ubona ungafinyel­eli ngesikhath­i ezinhloswe­ni zakho ungapheli amandla. Okuthinta ezothando kudingeka ukuhambise ngendlela enenhlonip­ho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UZOPHOQELE­KA ukukhuculu­la imicabango engalungil­e ngoba uzozibonel­a ukuthi ibuye ilethe ukukhathaz­eka. Umqondo wakho uzokulanga­zelela ukubumba izinhloso ezinhle eziya phambili.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUZODINGEK­A ugqamise kakhulu izenzo zakho kakhulu ngaphezu kwalokho okusho ngomlomo. Ukuphumele­la kwakho kuzoncika emfihlweni yokukwazi ukusebenzi­sa isikhathi ngemfanelo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa