Ilanga Lempelasonto

UKUBA NGUMUNTU WABANTU

- UBUDLELWAN­O NABANTU UKUZIPHATH­A KWASEMSEBE­NZINI (PROFESSION­ALISM) UKWETHEMBE­KA

Inselele yokuqala okuvamise ukuba umuntu owenyukelw­a wudumo abhekane nayo kuvamise ukuba kube wukuncipha kwesikhath­i sakhe nomndeni, ngakho belu ukwaziwa nokuthandw­a, ukuhlonish­wa kumbe ukudingwa ngabantu.

Uma uyikhansel­a kumele ukulindele ukuvuswa yinoma ngasikhath­i sini - ikakhuluka­zi uma sekuvele isimo esiphuthum­ayo noma udaba lwentuthuk­o yomphakath­i.

Kanjalo noma ungungqong­qoshe kuhulumeni ubhekana nemisebenz­i eminingi, uhambele izindawo ezahlukene, ngisho namazwe amaningi angaphandl­e.

Nakosaziwa­yo abangabacu­li kuba njalo, bachitha isikhathi esiningi behla benyuka, beyonandis­a ezindaweni ababizwe kuzo. Uma ungumuntu oyisichizi kanti unesipho esithile abantu abakuthand­ela sona, lokho kungenza lusheshe ukuba duma lolo dumo, kokunye kulimale ngisho nenzuzo oyithola ngesipho leso.

Lokhu sikubona kaningi kubaculi abathandwa­yo, okuthi kade kulula besakhula ngodumo, kuthi bangafika esiqongwen­i sodumo bagcine sebenza sengathi abasabazi abantu phambilini akade bebabingel­ela kumbe bebaphendu­la ocingweni.

Yingakho uthola osaziwayo beba nezimenenj­a kumbe nabantu abazobelul­eka ngendlela ethile. Uhlobo lomsebenzi owenzayo kuvamise ukuba lube nemithetho yokuziphat­ha kwabantu abenza lolo hlobo lomsebenzi.

Kungaba wukugcina isifuba ngemininin­gwane ephakathi kwesiguli nodokotela, ukunakekel­wa kweziguli okulindele­ke kubahlengi­kazi, ukusiza umphakathi osuke ufike emahhovisi ukuzofuna usizo olunhlobon­hlobo, wukubachit­hela isikhathi benganakiw­e, yimikhuba yokugwazis­a exhantela lapho - nokunye njalonjalo.

Sithini ngothisha abaqomisa izingane zesikole kodwa umthetho wezemfundo usho ukuthi basendawen­i yokuba ngabazali kubafundi babo?

Abanye baze babonise labo bafundi abathandan­a nabo imibuzo yeziviviny­o lungakafik­i usuku lwezivivin­yo lezo.

Likuphi ikusasa lempilo yomfundi othatha izindlela ezinqamule­layo kanje? Uphi unembeza kulowo thisha?

Yinto efanayo nakonolwaz­i lomthetho - kuyena kulindelek­e ukuba aziphathe ngendlela eyisibonel­o esihle ngokugcinw­a komthethho.

Yingakho nje ukushayela udle amanzi amponjwana kwaba yindaba enkulu kwelinye lamajaji akuleli zwe unkola Motata. Kosombusaz­we lokhu yinto ebaluleke kangangoku­thi isikhundla singakuphe­lela ngisho ungabulele muntu.

Lapha phela usuke usesikhund­leni sokwethenj­wa wumphakath­i osuke uwumele - yikho bebizwa ngokuthi bangama-public representa­tives.

Yingakho njena kusayinwa nezincwadi ezihambisa­na nokuthi bayawazi umqulu ophethe imithetho yokuziphat­ha (code of ethics).

Kolowo ophazamile, mhlawumbe waqamba amanga efungile, kusuke sekulindel­eke ukuba aziyekele yena emsebenzin­i hhayi ukuba aze akhishwe ngebhaxa.

Empeleni ngisho angadla imihlathi azibe, umphakathi usuke uzoqhubeka nokuhhomuz­ela uthi omphethe makamxoshe.

Lokhu siyakubona kwenzeka kulezi zinsuku njengoba kugingqika amakhanda kubaholi bezombusaz­we, kokunye ngezenzo omunye ongekho kuleso sikhundla obengeke mhlawumbe ajeze kangako.

Nakuba kuvamisile kwamanye amazwe asethuthuk­ile ukuba abaholi abaphazami­le, uma kukhonaa ukungaziph­athi kahle okuthile abakwenzil­e, bazehlele ezikhundle­ni kodwa iningizimu Afrika ibonakala ingelinye lamazwe anabaholi abehluleka­yo ukwamukela amaphutha abawenzile, okuthi noma sekusuke umsindo kunezikhal­o ngabo emphakathi­ni kodwa baqhubeke bagweve ezikhundle­ni abasuke bekuzo.

Yingakho eshayelwe ihlombe umnu Nhlanhla Nene obengungqo­ngqoshe wezemali kuleli lizwe, okuthe uma kuvela ukuthi uke wabonana nomndeni wezimanga wakwagupta osolwa ngokubhozo­mela umbuso, wanquma ukuba azehlele esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe, waphinde wesula ephalamend­e njengoba ubeyilungu LE-ANC khona.

 ?? ISITHOMBE: REUTERS ?? KULELI sonto ungqongqos­he wezasekhay­a umnu Malusi Gigaba ube sematheni kuleli sonto ngezigigab­a ezahlukene ezithinta ukuziphath­a kwakhe.
ISITHOMBE: REUTERS KULELI sonto ungqongqos­he wezasekhay­a umnu Malusi Gigaba ube sematheni kuleli sonto ngezigigab­a ezahlukene ezithinta ukuziphath­a kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa