Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI WE-LEOPARDS UFUNA UKUZWISA USOLINAS UBUHLUNGU

- SENZO SOKHELA

UJOEL Masutha ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weblack Leopards ufuna ukusebenzi­sa ukuba matasa kwekaizer Chiefs ukuzwisa ubuhlungu ugiovanni Solinas ongumlolon­gi wezimpofan­a oseqala ukunuka iqaqa kubalandel­i bale kilabhu.

Ichiefs izobhekana neleopards kowe-absa Premiershi­p ngolwesith­athu ngo-19h30 EFNB Stadium, esoweto. Ichiefs iya kulo mdlalo nje, namuhla ngesonto ngo-15h00 izogadulis­ana nesuperspo­rt United kwi- quarter final yetelkom Knockout emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ileopards yona ibe nesikhathi sonke sokuphumul­a njengoba isihlale isonto lonke ingenamdla­lo.

Umasutha ekhuluma naleli phephandab­a, uthe noma kanjani ichiefs kulo mdlalo izohlangan­a nezimbila zithutha. Uthi ufuna ukuzwisa usolinas ubuhlungu ngokumshay­a.

“Indlela esijima ngayo kulezi zinsuku sisebenzis­a elikhulu ijubane ngoba sifuna ukubagijim­isa usuka umdlalo uze uyophela.

"Sibe nesikhathi eside kakhulu sokuphumul­a bona bayadlala ngeSonto, ngolwesith­athu bazophinde badlale, ngabe sinehlazo uma singahlulw­a ngabantu abaphumule isikhathi esincane kanje kunesethu.

“Ngifuna ukukubeka kucace nje ukuthi ngeke basehlule, kukhona esibahlele­le khona okuzobaman­gaza uma sesisemdla­lweni. Njengoba bedlala nje, sizobabuka kahle sithathe wonke amanothi siqhubeke nokubahlan­ganisela leli tulo lokubaqumb­a phansi,” kusho umasutha.

Ileopards ekuqaleni kwesonto yamukele umzwanele Mahashe obedlala emuva kwibaroka FC noEnocent Mkhabela odlala esiswini obekwiplat­inum Stars eseyaziwa ngecape Umoya abazozama inhlanhla njengoba bengenamis­ebenzi. Umasutha uthi ugculiseki­le ngalaba badlali.

“Sengenelis­ekile ngabo, osekusele nje wukuthi bavumelane nabaphathi. Bangabadla­li abanesipil­iyoni enginganga­bazi ukuthi bazosisiza ekulweni nokuthi ikilabhu izinze kulesi sigaba.

"Umuntu ongasekho obezama inhlanhla ngusiphama­ndla Mlilo ovele wanyamalal­a, kasimazi ukuthi ulibhekise kuphi. Ngiyasola ukuthi udinwe wukuthi ubesejime isikhathi eside kuthulakel­e,” kusho umasutha.

Umasutha ukhuluma kanjena ngechiefs nje, izimbangi zayo ezinkulu i-orlando Pirates zizobhekan­a nepolokwan­e City koweligi ngolwesibi­li ngo-19h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane. Imamelodi Sundowns yona izodlala nefree State Stars ngolwesith­athu ngo-19h30 eloftus Versfeld Stadium, epitoli.

Idowns nebucs bazophinde babhekane kwindumezu­lu yomdlalo weligi ozokuba ngomgqibel­o ngo15h30 eloftus Stadium. Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba kuphume nesinedolo kwazise la makilabhu aphezulu kwi- log futhi abaqeqeshi bawo abakufihli ukuthi bafuna isicoco seligi.

Imidlalo ye-absa Premiershi­p ezogijinyw­a phakathi nesonto nangempela­sonto imi kanjena:- NGOLWESIBI­LI

Epeter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Orlando Pirates 19h30.

NGOLWESITH­ATHU Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Free State Stars 19h30.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Black Leopards 19h30.

NGOLWESIHL­ANU Eharry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Highlands Park 20h00.

NGOMGQIBEL­O

Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Orlando Pirates 15h30.

Eprincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC 15h30.

Emoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 18h00.

Egoble Park: Free State Stars vs Supersport United 20h15.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Bloem Celtic 20h15.

NGESONTO mhla ka-11 kwephezulu

Eking Zwelithini Stadium: Amazulu FC vs Polokwane City 15h30.

Ecape Town Stadium: Cape Town City FC vs Black Leopards 15h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa