Ilanga Lempelasonto

SIPHITHENE IKHANDA ISIKHULU SE-BAY FC

- SENZO SOKHELA

SIPHITHENE ikhanda isikhulu serichards Bay FC, usifiso “Jomo” Biyela, ngesinqumo okufanele sisenze ngomdlali waso okuvela ukuthi ugaqelwe wuxhaxha lwamakilab­hu agijima kwiAbsa Premiershi­p.

Irichards Bay izobhekana nets Galaxy emdlalweni wenational First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo ukuthi umichael Gumede odlala esiswini kwibay ufunwa uthuli yibidvest Wits, yichippa United, yifree State Stars nelamontvi­lle Golden Arrows.

Kuthiwa ikilabhu okuyiyona ekhombisa ukumfuna kakhulu yiwits okuvela ukuthi isimbekele etafuleni imali namabhonas­i aconsisa amathe.

Nechippa ngokunjalo kuthiwa isikubekil­e etafuleni efuna ukukunika lo mdlali.

Lo mdlali ufunwa kangaka nje, usalelwe yizinyanga ezingu-8 kwinkontil­eka yakhe nebay, kodwa enesivumel­wano sokuyelula ngomunye unyaka. Kuthiwa ukufunwa ngalolu hlobo kukagumede kuphithani­sela ngekhanda ubiyela okuthiwa akazi noma amdedele manje yini lo mdlali njengoba engumgogod­la wekilabhu.

Ugaqelwe kangaka nje, yingoba namagoli uyawashaya njengoba esevalele amathathu emidlalwen­i engu-9.

Leli phephandab­a libuza ubiyela ngalolu daba, ukuqinisek­isile ukuthi kunamakila­bhu kwi-premiershi­p afuna ugumede kodwa wacela ukungaphaw­uli ngawo okwamanje ezeseka ngokuthi ezakhe zibhekene nomdlalo omqoka.

“Akhona amakilabhu amfunayo kodwa akusiyona into esingakhul­uma ngayo okwamanje ngoba kangifuni umdlali wethu aphazamise­ke.

"Njengamanj­e sibhekene nomdlalo onzima negalaxy okufanele noma kanjani siwunqobe. Ngiyibonil­e idlala ukuthi ilibeka phansi kodwa sinalo isu lokuyibamb­a.

"Engingakuq­inisekisa wukuthi ngeke iphume naphuzu lapha ebay,” kusho ubiyela.

Komunye umdlalo WENFD onamuhla ngesonto ngo-15h30, Ezenkosi, ijomo Cosmos, zizoshukan­a nobuntu Cape Town emakhulong Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa