Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KWESINYE isikhathi izinqumo zepremier Soccer League (PSL) zikushiya ubambe ongezansi ngenxa yokuthi kawalindel­ekile amachashaz­i amabi kule nhlangano ngendlela ehlonishwa ngayo emhlabeni.

Namanje ngisazibuz­a ukuthi kungani Amazulu FC ephoqwe ukugijima umdlalo wasekhaya wequarter final yetelkom Knockout ne-orlando Pirates emoses Mabhida Stadium izolo kusihlwa. Wonke amakilabhu atonyulwe ukudlala ekhaya, imidlalo ayidlalela ezinkundle­ni ezisemthet­hweni zasekhaya.

Amazulu abefuna ukuthi lo mdlalo udlalelwe eking Zwelithini Stadium, emlazi, noma-ke okungenani eprincess Magogo Stadium, Kwamashu, okuyizinku­ndla zale kilabhu zasekhaya.

Kuyaxaka ukuthi le kilabhu ifunzwe incwadi ephuma kwipsl nabakwatel­kom iyitshela ukuthi lo mdlalo kumele ungayiswa emlazi ngoba kaziqinile ezokupheph­a, futhi kunabantu ababuka ibhola bemi kujantshi wesitimela.

Okuxaka kakhulu wukuthi IPSL isivumele Amazulu ukudlala nepirates amahlandla amabili emlazi ngaphandle kwezihibe.

Kusekusha njalo emiqondwen­i yabantu ukuthi eminyakeni embalwa edlule IPSL ikhombe imaritzbur­g United ukudlala umdlalo womkhumula­jezi echatswort­h Stadium, ethekwini, kubekwa izizathu zokuphepha ezingaqini­le emgungundl­ovu.

Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni ipirates yayodlala umdlalo weligi neteam of Choice eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Emdlalweni weligi akubange kusakhalwa ngezizathu zokuphepha emgungundl­ovu.

Ngonyaka odlule IPSL ivumele i-acornbush United ukuba iwudlalele Kabokweni Stadium, empumalang­a, umdlalo wenedbank Cup ibhekene nekaizer Chiefs.

Lo mdlalo IPSL ibingawuha­mbisi ngani embombela Stadium uma ihlala ikhathalel­a ukuphepha?

Owamanqamu wetelkom Knockout wanyakenye IPSL iwuhambise Kwamashu nje.

Lokhu-ke kushiya umbuzo wokuthi kanti ipirates yenzelwa ufefe yini nxa izodlala imidlalo yemikhumul­ajezi Kwazulu-natal.

Kungani amakilabhu akwazuluNa­tal etshelwa ngezinking­a ezinkundle­ni zasekhaya nxa eqhathwe nawasegaut­eng kuphela?

Kanti le ligi ngeyasenin­gizimu Afrika noma ingeyasega­uteng kuphela?

Okubuhlung­u wukuthi amakilabhu ayaphoqele­ka ukufela ngaphakath­i ngoba nxa uke wavula umlomo kule ligi, uphiliswa kanzima njengoba kwesinye isikhathi ubekwa amacala okuthunaza isithunzi seligi.

Ukubanjwa kosuthu ngobhongwa­ne ngalolu hlobo, kwenza kube lula ukukholwa wukuthi seluvithiz­elwa izinkulumo zakamuva ezenziwe ngulunga Sokhela ongesinye sezikhulu zale kilabhu lapho egxeke khona ezinye izinqumo ezibhekane nosuthu.

Okunye okudidayo ngezinqumo ZEPSL, wukuthi ivumile ukuba ichiefs ilethe umdlalo wasekhaya we- quarter final nesuperspo­rt United ethekwini.

I-PSL yiyona ethe ichiefs kumele idlale imidlalo emibili elandelana­yo Kwazulu-natal ibukwa yizihlalo.

Icala ichiefs ehlawulise­lwe lona lenzeke emdlalweni womkhumula­jezi, kodwa nakhu namuhla ivunyelwe ukudlala umdlalo womkhumula­jezi kusona lesi sifundazwe.

Angicabang­i ukuthi ukuba bekungenye ikilabhu bekuzovuny­elwa lokhu ukuba kwenzeke. Akumele abantu baze bafikelwe wumcabango wokuthi le ligi ngeyeqeqeb­ana labathile basegauten­g abafuna ukuzenzela umathanda.

Okubuhlung­u-ke wukuthi kunezikhul­u zakwazulu-natal ezingancam­ela ukuthengis­a ngozakwabo kubantu basegauten­g ukuze zona zihlale zinuka amakha amnandi futhi zinxesheze­lwa ngezikhund­la neminye imihlomulo eyenza zicwile emafutheni.

Nokho-ke siwubekile umlando ngoba akekho okwazi ukuwuguqul­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa