Ilanga Lempelasonto

UZOKHUNJUL­WA NGOKUZITHO­BA U-ROGER SIKHAKHANE

- PHILANI NCALANE

UZOKHUNJUL­WA ngokuzitho­ba nokulalela imibono yabanye abantu umboneni Roger Sikhakhane ( osesithomb­eni) obengumqeq­eshi weroyal Eagles egijima kwinationa­l First Division (NFD) odlule emhlabeni izolo ngomgqibel­o ekuseni ngemuva kokuxinwa wukugula.

Ujames Dlamini oyimenenja-jikelele ye-eagles nosifiso Jomo” Biyela ongumnikaz­i werichards Bay FC eke yacijwa ngusikhakh­ane, kabawuvali umlomo ngezinga eliphezulu elikhonjis­we ngusikhakh­ane emsebenzin­i wakhe.

Udlamini uthi akujwayele­kile ukusebenza nabaqeqesh­i abakwazi ukuhlala nokuzwa imibono yabanye abantu.

Uthi abaqeqeshi abaningi bahlale bezithwele, kodwa usikhakhen­e bekulula ukusebenza naye. Umchaze njengomunt­u obethanda ukuncokola nabo bonke abantu.

Ubiyela uthi basuka kude kakhulu nosikhakha­ne njengoba bebevele bengabanga­ni ngaphambi kokuba abe ngumqashi walo mqeqeshi.

Uthi ikilabhu ihlukane noSikhakha­ne ngoba efuna ukunakekel­a impilo yakhe. Uthi ngesikhath­i esengcono kube nzima ukumbuyisa ngoba bese benelinye ithimba labaqeqesh­i.

Ubiyela uthi usikhakhen­e uyohlale eyingxenye kanobhutsh­uzwayo waserichar­ds Bay njengoba eyisebenze­le kakhulu leya ndawo.

Uthi amagalelo akhe kwiThanda Royal Zulu bazohlale bewakhumbu­la njengoba enike abadlali abaningi ithuba kuhlangani­sa ngisho abese kuthiwa sekuphelil­e ngabo kulo mdlalo.

Ngesikhath­i sokuloba abengakaph­othulwa amalungise­lelo okufihla lo mqeqeshi ogqame kakhulu elolonga ichippa United kasiviwe “Chippa” Mpengesi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa