Ilanga Lempelasonto

UKHATHAZWA WUMLANDO OMUBI WE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

UMLANDO ongemuhle wekaizer Chiefs uma idlalela ethekwini wenza ugiovanni Solinas ongumqeqes­hi wale kilabhu kungavumi ukuba alale ngokuthula uma ecabanga ngomdlalo omqoka obhekene nezakhe kulo leli dolobha lakwazuluN­atal. Ichiefs izobhekana nesuperspo­rt United kwi- quarter final ye-telkom Knockout namuhla ngesonto ngo-15h00 emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ichiefs iya kulo mdlalo nje, izinto kaziyihamb­eli kahle njengoba imiphumela ingahlanga­ni kahle. Izobhekana nesuperspo­rt ebukeka yenza kahle ngaphansi kobuholi bukakaitan­o Tembo okuyisizin­i yakhe yokuqala engumqeqes­hi ozimele. Usolinas uqwashiswa wumlando wezakhe uma zidlalela emoses Mabhida Stadium. “Okwami ngikwenzil­e, ngizame ngayo yonke indlela ukulungisa amaphutha esiwenze emdlalweni womkhaya ne-orlando Pirates. Siyitadish­ile isuperSpor­t, sayibona lapho iyingozi khona. Cishe phambili ishesha njengayo ipirates. Kuzofanele sibambelel­e kulokhu esikuhleli­le ngoba uma sike sakujika sesisenkun­dleni njengoba senze kwipirates sizokuba sengozini. “Konke kulele kubadlali manje, omningi umsebenzi sengiwenzi­le. Ithemba lokuthi sizowunqob­a lo mdlalo nginalo yize nginovalo nje lokuthi kasivamisi­le ukuphathek­a kahle ethekwini ikakhuluka­zi emidlalwen­i yezinkomis­hi.

"Isuperspor­t lena ike yasimisa kabi khona ethekwini nefree State Stars ngokunjalo. Le nto ingenza ngingalali ngokukhulu­leka. Kodwa-ke yilona thuba leli lokuguqula lo mlando ongemuhle kule nkundla,” kusho usolinas.

Utembo uthi konke kuhambe ngokohlelo, okumphethe kabi nje wukuthi ngeke abe khona umgadli wakhe omqoka ubradley Grobler obeyonyang­wa inyonga.

“Amalungise­lelo ahambe kahle, umdlalo sesiwulung­ele. Okubuhlung­u nje wukuthi sizowugiji­ma ngaphandle kwabadlali bethu ababili abangumgog­odla wekilabhu udean Furman ophuke ingalo nogrobler obeyolashw­a inyonga.

Kodwa-ke kangifuni ukubeka izaba ungakagiji­nywa umdlalo ngoba sinabo abadlali abazovala izikhala zabo.

“Silindele umdlalo onzima kwiChiefs ethekwini futhi sizokulwa kulo mdlalo. Sizibona sinalo ithuba lokungena kwi- semi final yize sidlala ekuhambeni. Ekuhambeni ngikholwa wukuthi yilapho esinamandl­a khona lokhu kuzobonaka­la kulo mdlalo,” kusho utembo.

Emuva kwalo mdlalo kuzoqhathw­a amakilabhu ngendlela azogijima ngayo kuma- semi final.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa