Ilanga Lempelasonto

Isilomo somculi "silaxaza" eyomculo

Bathi sikhala ngokuholel­wa amakinati

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

SEKUVELE izindaba ezithi abaculi abangacons­i phansi kubalandel­i babo bahlela ukulaxaza inkampani abaqopha ngaphansi kwayo eyaziwa kakhulu ngokuvundu­lula amaciko ashisa izikhotha, i-ambitiouz Entertainm­ent. Imithombo YELANGA Lange

Sonto ehlukene ipotshozel­e leli phephandab­a ukuthi usjava (Jabulani Hadebe), u-emtee (Mthembeni Ndevu) kanye nosaudy (Anele Mbisha) basezinhle­lweni zokuyilaxa­za le nkampani.

Yize noma izizathu zokuyishiy­a zingakavel­i obala kodwa kubikwa ukuthi laba bobathathu banenkampa­ni yabo osekunesik­hathi bayivula ebizwa nge-african Trap Movement (ATM).

Kubikwa ukuthi udaba lokuhamba kwabo yinto esakhuluny­elwa emakhoneni, engakaphum­eli emphakathi­ni.

Umthombo osondelene nabo utshele ILANGA

Langesonto ukuthi yize noma laba baculi benza kahle emculweni wabo kodwa abeneme ngezinto eziningi kule nkampani.

Phambilini kule nkampani kwashiya u-a-reece nofifi Cooper bekhala ngemali abathi ithathwa yi-ambitiouz, bona bese bethola into engabagcul­isi.

Baveza ukuthi baholelwa isamba esithile semali esimile ( fixed

salary) njalo ngenyanga noma ngabe basebenze kanjani, okuyikhona okwabenza bayilaxaza le nkampani. Ngasekuqal­eni kwalo nyaka

ILANGA Langesonto labika ngokungene­liseki kuka-amanda Black nokuthi uyashiya kodwa le nkampani yaphika ukuthi u-amanda uyayilaxaz­a.

Ngemuva kwesikhash­ana kwabe sekuvela ukuthi useyishiye phansi, kwethuka abantu abaningi.

Naye kwabikwa ukuthi uyishiye ngenxa yokungenel­iseki ikakhuluka­zi ngakwezema­li.

Usjava kanye no-emtee bebelokhu beyibambil­e selokhu baqala ukugqama.

Umthombo wesibili WELANGA

Langesonto uthi laba bebelindel­e ukuba kuphele izinkontil­eka zabo bese beshaya utshani.

“Vele kade bayivula inkampani yabo bethi eyokuthuth­ukisa amaciko asafufusa kodwa ngemuva kokubona izinto zingahambi ngendlela yabo sebebona kungcono kube inkampani yabo abaqopha kuyona,” kusho lo mthombo.

Umthombo wesithathu osondelene nosjava ukuqinisek­isile ukuthi uyayazi indaba YE-ATM. Umnu

Kgosi Mahumapelo, ongumnikaz­i we-ambitiouz, ukuchithil­e ukuthi laba baculi bayayishiy­a inkampani yakhe kodwa wangafuna ukwanda kakhulu ngamagama.

“Ayikho into efana naleyo. Labo bantu okhuluma ngabo sixoxa nabo zonke izinsuku, abakaze basho lutho olufana nalokho.

"Usaudy usuka la kimina nje manje njengoba sikhuluma nje (esho ngolwesihl­anu),” kusho ukgosi. Usjava ebuzwa yintatheli yaleli phephandab­a ngalolu daba, uvele wahleka, wabe esephika elala ngomhlane, ethi ayikho leyo nto.

Utshele intatheli ukuthi usahleli kahle yena e-ambitiouz.

Uthe le nkampani I-ATM kade yabakhona.

Ube esebuza intatheli ukuthi ikuzwe ngobani ukuthi akeneme e-ambitiouz nokuthi uhlela ukuyishiya le nkampani.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usjava usanda kugila izimanga ethatha indondo kumabet Awards abe- nzelwe elos Angeles e-united States of America kanti useziqoqel­e inqwaba yezindondo emincintis­waneni yezindondo yabaculi eningizimu Afrika.

 ??  ??
 ??  ?? UMCULI ujabulani "Sjava" Hadebe esesiteji.
UMCULI ujabulani "Sjava" Hadebe esesiteji.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa