Isilomo somculi "silaxaza" eyomculo
Bathi sikhala ngokuholelwa amakinati
SEKUVELE izindaba ezithi abaculi abangaconsi phansi kubalandeli babo bahlela ukulaxaza inkampani abaqopha ngaphansi kwayo eyaziwa kakhulu ngokuvundulula amaciko ashisa izikhotha, i-ambitiouz Entertainment. Imithombo YELANGA Lange
Sonto ehlukene ipotshozele leli phephandaba ukuthi usjava (Jabulani Hadebe), u-emtee (Mthembeni Ndevu) kanye nosaudy (Anele Mbisha) basezinhlelweni zokuyilaxaza le nkampani.
Yize noma izizathu zokuyishiya zingakaveli obala kodwa kubikwa ukuthi laba bobathathu banenkampani yabo osekunesikhathi bayivula ebizwa nge-african Trap Movement (ATM).
Kubikwa ukuthi udaba lokuhamba kwabo yinto esakhulunyelwa emakhoneni, engakaphumeli emphakathini.
Umthombo osondelene nabo utshele ILANGA
Langesonto ukuthi yize noma laba baculi benza kahle emculweni wabo kodwa abeneme ngezinto eziningi kule nkampani.
Phambilini kule nkampani kwashiya u-a-reece nofifi Cooper bekhala ngemali abathi ithathwa yi-ambitiouz, bona bese bethola into engabagculisi.
Baveza ukuthi baholelwa isamba esithile semali esimile ( fixed
salary) njalo ngenyanga noma ngabe basebenze kanjani, okuyikhona okwabenza bayilaxaza le nkampani. Ngasekuqaleni kwalo nyaka
ILANGA Langesonto labika ngokungeneliseki kuka-amanda Black nokuthi uyashiya kodwa le nkampani yaphika ukuthi u-amanda uyayilaxaza.
Ngemuva kwesikhashana kwabe sekuvela ukuthi useyishiye phansi, kwethuka abantu abaningi.
Naye kwabikwa ukuthi uyishiye ngenxa yokungeneliseki ikakhulukazi ngakwezemali.
Usjava kanye no-emtee bebelokhu beyibambile selokhu baqala ukugqama.
Umthombo wesibili WELANGA
Langesonto uthi laba bebelindele ukuba kuphele izinkontileka zabo bese beshaya utshani.
“Vele kade bayivula inkampani yabo bethi eyokuthuthukisa amaciko asafufusa kodwa ngemuva kokubona izinto zingahambi ngendlela yabo sebebona kungcono kube inkampani yabo abaqopha kuyona,” kusho lo mthombo.
Umthombo wesithathu osondelene nosjava ukuqinisekisile ukuthi uyayazi indaba YE-ATM. Umnu
Kgosi Mahumapelo, ongumnikazi we-ambitiouz, ukuchithile ukuthi laba baculi bayayishiya inkampani yakhe kodwa wangafuna ukwanda kakhulu ngamagama.
“Ayikho into efana naleyo. Labo bantu okhuluma ngabo sixoxa nabo zonke izinsuku, abakaze basho lutho olufana nalokho.
"Usaudy usuka la kimina nje manje njengoba sikhuluma nje (esho ngolwesihlanu),” kusho ukgosi. Usjava ebuzwa yintatheli yaleli phephandaba ngalolu daba, uvele wahleka, wabe esephika elala ngomhlane, ethi ayikho leyo nto.
Utshele intatheli ukuthi usahleli kahle yena e-ambitiouz.
Uthe le nkampani I-ATM kade yabakhona.
Ube esebuza intatheli ukuthi ikuzwe ngobani ukuthi akeneme e-ambitiouz nokuthi uhlela ukuyishiya le nkampani.
Kuzokhumbuleka ukuthi usjava usanda kugila izimanga ethatha indondo kumabet Awards abe- nzelwe elos Angeles e-united States of America kanti useziqoqele inqwaba yezindondo emincintiswaneni yezindondo yabaculi eningizimu Afrika.