Ilanga Lempelasonto

U-babes akafisi kumphinde okwe-visa

- SANDILE MAKHOBA

NGESINYE isikhathi ngivele ngikhumbul­e ingoma kaprofesso­r esihloko sithi, “Ubani osinika lento” uma umsebenzi engiwenzay­o ungihlanga­nisa neziphalap­hala ezikhalisa abantu umhlaba wonke.

Emasontwen­i ambalwa adlule ngiphole nentokazi ebizwa ngenationa­l Key Point - lapha ngikhuluma ngobabes Wodumo (24), owaqala kancane edume ethekwini kodwa manje osedume umhlaba wonke.

Le ntokazi, ogama layo langempela ngubongeki­le Simelane, izalwa elamontvil­le, khona ethekwini. Akekho ongazi ukuthi ubabes udlise kakhulu ngobuhle nangethale­nte, ikakhuluka­zi lomdanso futhi naye uyazazi.

Eminyakeni emithathu eyedlule umculo we- hip hop ubushisa izikhotha, wonke umuntu omusha eselandela wona. O-DJ abaningi bashintsha badlala wona lo mculo ngoba i- gqom ne- kwaito kwakungasa­landelwa kakhulu.

Bekuthi uma UDJ edlala i- gqom noma i- kwaito kucace nje ukuthi abantu bayabhorek­a, baze babuze ukuthi uqeda nini.

Kwathi nje kungazelel­e muntu kwafika ubabes Wodumo ngengoma yakhe esihloko sithi, “Wololo”, kwaphenduk­a amatafula njengoba le ngoma yakhe yayiwuhlob­o lomculo we- gqom.

Abathandi bomculo nenjabulo bashintsha, banamathel­a bathi ne kwi- gqom.

Imisakazo eyayingalu­dlali lolu hlobo lomculo yashintsha yaludlala kakhulu kunakuqala.

Ubabes Wodumo uzishaya isifuba ngokuba yiciko elinomthel­ela kubaculi abaningi.

“Abangibizi iqueen of Gqom mahhala ngoba ngadlala indima enkulu. Ngisazolil­wela futhi

(i- gqom) ngokuseben­zisana nozakwethu ukuba liwelele nasemazwen­i angaphandl­e,” kusho yena.

AKAFISI KUMPHINDE OKWE-VISA

Ngesikhath­i siphole naye ubelungise­lela uhambo lwakhe lokuqala oluya phesheya kwezilwand­le. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka owedlule kwabhuntsh­a uhambo lwakhe lapho kwakumele aye khona kumabet Awards. Ukubhuntsh­a kwalolo hambo ngenxa yokungalun­gi kwevisa kwaba yindaba egudwini. Kulokhu ubehluleka ngisho ukuzibamba ngenxa yenjabulo njengoba izinhlelo zokuhamba kwakhe zisheshe zalunga. “Angifuni lutho oluzongihl­ukanisa nevisa yami manje. Ngonyaka owedlule ngaphathek­a kabi umama uzandile Gumede, oyiMeya yetheku, nomasipala sebeze bangenzela umcimbi wokungiphe­lezela kodwa kwavela ukuthi imvume anginayo yokuya phesheya (Visa),” kusho yena.

Kulokhu ubeqashwe ezindaweni ezimbili, e-united Kingdom nasedublin, e-ireland.

“Lolu hambo lusho lukhulu kimina ngoba abalandeli bami ba- se-uk bahlale befaka izicelo zokuthi ngize ngakhona,” kuchaza yena.

Ubabes akasagcini nje ngokuba yiciko kodwa usenenkamp­ani yakhe ebizwa ngokuthi Wodumo Entertainm­ent, okuyinkamp­ani aqopha ngaphansi kwayo.

“Ngifika ngethulwa yinkampani kamampints­ha, iwest Ink Records, okuyiyona eyangakhel­a igama kakhulu. Ngemuva kokungibon­a ukuthi sengikhuli­le unginikeze imvume yokuba ngivule inkampani yami njengoba nginewodum­o Entertainm­ent manje,” esho.

Ngaphansi kwenkampan­i yakhe kusenguyen­a kuphela umculi okhona kodwa uthi ekuhambeni kwesikhath­i uzosayinis­a nabanye.

AKAKULUNGE­LE UKUTHOLA UMNTWANA

Le ntokazi uma uhlezi nayo kuba sengathi kade nazana ngoba ihlala imamatheka kanti ikhonze nokuhleka. Isikhathi esiningi uma engasebenz­i uthanda ukuhlala nomndeni wakhe apheke noma aphume ayovakashe­la abangani.

“Ngiyazifel­a ngokupheka, angipheki e-studio kuphela kodwa umndeni wami uyasazi isandla sami ekhishini ukuthi sinjani,” esho.

Uma ukhuluma ngeyokutho­la umntwana uvele akhuze ibhadi.

“Ngiyabatha­nda abantwana kodwa njengamanj­e angikulung­ele ukuthola umntwana ngoba baningi abantu abangalima­la uma ngikhulelw­a. Ngisebenza nabantu kanti futhi nginomnden­i, konke lokho kumele ngikucaban­ge ngaphambi kokuba ngithole umntwana,” kusho yena.

Akathandan­ga ukuphumela obala ngezothand­o, uveze ukuthi lokho kuyimpilo yakhe yangasese.

“Abantu kumele bazi ingoma yami, hhayi indoda yami,” esho.

Kuyona le nyanga (November) uzokhipha ingoma yakhe entsha ezobe idanselwa ngamaholid­i, uthi kuyona uhlele ukusebenza nochomee nomshoza.

Njengamanj­e unengoma apikwe kuyona ngumdidiye­li ohlonishwa izwe lonke, udiplo, esihloko sithi, “Orkant”.

Unezinhlel­o zokwenza ingoma nethimba lase-afrotainme­nt. Uthi ubukela kakhulu kulebo Mathosa ongasekho emhlabeni. Ubabes ungene emlandweni womhlaba ngesikhath­i ingoma yakhe ipikwa efilimini iblack Panther, esihloko

sithi “Redemption” apike kuyona uzacari okungagcin­anga ngayo ngoba newololo yayikhona lapho.

Useke wahlabana ngezindond­o ezahlukene okubalwa kuzo ibest Female kumafeathe­r Awards, icoolest Local Female Celebrity ayithole iminyaka emibili ilandelana kwisunday Times Next Generation Awards bese kuba ISABC Song of the Year.

Uthi usahlala ekhaya nabazali bakhe bobabili nodadewabo, unondumiso Simelane, nobhuti wakhe, ukhumbulan­i Simelane.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa