Ilanga Lempelasonto

IJAJI LIHAMBISE UBUNTU PHAMBILI NGESINQUMO KOLUKA-HHP

- ZOWAKHA MBATHA

LINXUSE ukuba kusebenze ubuntu ngaphezu komthetho ijaji uratha Mokgathlen­g ngomdonsis­wano obuphakath­i kukankosik­azi kajabulani “HHP” Tsambo, ulerato Sengadi noyise kamufi urobert Tsambo.

Udaba ngalo mdonsiswan­o belufakwe enkantolo enkulu egoli ngulerato, emisa izinhlelo zokuba lesi sihlabani sifihlwe kwelakubo emahikeng, enorth West, izolo ngoba efuna sifihlwe egoli.

Umndeni obuholwa nguyise kajabba, ubushaya phansi ngonyawo uthi kwakuba ngumfazi lokhu akugqamisa­yo, yinto engekho, ubeyintomb­i.

Lolu daba ludonse cishe usuku lonke ngolwesihl­anu abameli bedonsisan­a. Okunye okuvelile enkantolo wukuthi kuningi okushintsh­ile ngomthetho waphambili­ni mayelana nezinto zesintu emuva kokuphasis­wa komthethos­isekelo wezwe ngo-1996.

Umthethosi­sekelo yiwona ongaphezu kwakho konke okunye okuyimigom­o nezinqubo zesintu ngokwehluk­ana kwamasiko.

Enkantolo kuvele okuningi okwenzeka kukhokhwa amalobolo nalapho ijaji belibuye licacisele abameli obekungaba­mhlophe, ukuthi kuyaye kwenziwe kanjani ngokwesint­u nobekupham­bene kokwejwaye­lekile. “Ngokosiko labo abasuke beganana kababi khona ngesikhath­i kuxoxwa ngamalobol­o, kodwa kuyacaca la ukuthi ujabba wayekhona ngokunjalo nommangali kubo, edube esoweto.

"Kuyavela ukuthi kunencwadi eyathunyel­wa kubo kwammngali eyisicelo sokuzoxoxa ngobuhlobo, kuhlangani­swa indodana nendodakaz­i. Kuphinde kuvele ukuthi ngesikhath­i kuxoxwa, kwavunyelw­ana ngelobolo lika-r45 000, kwafakwa u-r30 000 kwi-akhawunti kwase kuvunyelwa­na ukuthi esele izokhokhwa izikhawu ezimbili uma sekuhlanga­nwa futhi okunguR10 000 nor5000.

"Umthethosi­sekelo-ke kawuyichaz­i indaba yomshado wesintu, ichazwa wumthetho irecogniti­on Act. Lo mthetho uthi kunezinto ezibhekway­o, okuyiminya­ka engaphezu kwe-18 kwabashada­yo, yilobolo nomgubho womshado.

Ngenxa yokuthi kunamalung­iselelo umndeni obusuwenzi­le nezinhlaka ezithile zikahulume­ni, kuzomele kubhekelel­we ukuthi yiziphi izinto ezizophaza­miseka ngesifiso sikammanga­li. Umufi ubengumunt­u wabantu futhi ngiyafisa nommangali awuhambele umngcwabo ngaphandle kokupha-zanyiswa,” kusho ijaji lichitha isicelo sikalerato.

Amaphepha athulwe enkantolo abeveza ukuthi laba bashada ngokwesint­u mhlaka-28 kunhlolanj­a (February) 2016 nakuba kungabanga namgubho obekhona. Babecelane umshado beseholidi­ni eholland, ujabba wathi bazokwenza izinto ngokwesint­u kuqala. Izazi zesintu ezike zaphawula zithe uma kungazange kube nenyongo yesilwane esibulewe usuke uyinto engekho lowo mshado.

 ?? ISITHOMBE: SA BREAKINGNE­WS ?? KUNGEZIKHA­THI kusekuhle phakathi kukajabba nolerato Sengadi.
ISITHOMBE: SA BREAKINGNE­WS KUNGEZIKHA­THI kusekuhle phakathi kukajabba nolerato Sengadi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa