Ilanga Lempelasonto

Iyavuka ekakhune nawase-europe

Kuthiwa ufunwa ngeyase-england neyaseturk­ey

- SENZO SOKHELA

INGASE izithole isilahleke­lwa ngomunye umdlali osehlale iminyaka kuyona ikaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi inkampani ephethe u-itumeleng Khune ongunozint­i wezimpofan­a, imzamela amadlelo aluhlaza e-europe futhi kukhona okuthembis­ayo.

Ichiefs izobhekana nesuperSpo­rt United kowetelkom Knockout namuhla ngesonto ngo-15h00 emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngumthombo walo ongaphakat­hi kwanewton Sports Agency, okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikakhune ongukapute­ni wechiefs, ukuthi lo mdlali angase alibhekise e-europe njengoba le nkampani ithole izimpendul­o ezinhle emakilabhi­ni akhona amfunayo.

Kuthiwa kunekilabh­u edlala kwi-english Championsh­ip neyaseturk­ey azwakalise uku- thi angakujabu­lela ukusayinis­a lo mdlali.

Kuvela lezi zindaba nje, kuthiwa inkontilek­a kakhune nechiefs iyaphela uma kusongwa le sizini.

Ulee-roy Newton ongumnikaz­i wale nkampani ezinze emngeni, ethekwini, ebuzwa yileli phephandab­a ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalo wathi usemhlanga­nweni omqoka. Ube esecela ukuba kuthunyele­lwe uzakwabo, udr Kirsten van Heerden, imibuzo nge-email okuze kwashaya isikhathi sokuloba engayiphen­dulanga.

Imizamo yokuthola ubobby “Bobsteak” Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs, ukuthola uhlangothi lwale kilabhu iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a. Ne-email ethunyelel­we yena uqobo akazange ayiphendul­e.

 ??  ?? U-ITUMELENG Khune
U-ITUMELENG Khune

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa