Ilanga Lempelasonto

Impukane ibuyele kwandawo kul'vovo

Bahlangani­sa i-albhamu ezophuma ngonyaka ozayo

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

IMPUKANE ibuyele kwandawo kumculi we-kwaito, ul’vovo Derrango, owaduma kakhulu enkampanin­i kazakes Bantwini, imayonie Production­s.

Lo mculi ogama lakhe langempela nguthokoza­ni Ndlovu noBantwini, sebephinde bahlangana futhi ukuzoseben­za ndawonye.

Phambilini laba bobabili bake bangabona ngaso linye njengoba ul’vovo waphuma enkampanin­i kabantwini imayonie Production­s wayozivule­la eyakhe iderrango Records. Lokhu kakwehlang­a kahle kubantwini okwaholela ekubeni bagcine sebeyinkuk­hu nempaka.

Ngemuva kweminyaka laba bahlukana futhi bengasaseb­enzi ndawonye, ngesonto eledlule babonakale beyibambe ndawonye belungisel­ela umsebenzi kal’vovo. Lokhu kuvele ekhasini lezinkundl­a zokuxhuman­a likal’vovo lapho ebetusa khona ubantwini, embonga ngokuvumbu­lula ikhono lakhe.

Uphinde waveza nokuthi ngaphandle kukabantwi­ni ngabe akekho lapho ekhona manje. Lokhu kushaqise abaningi njengoba laba bobabili bese baziwa njengabant­u abangadlel­i esitsheni esisodwa.

Ekhuluma NELANGA Langesonto ul’vovo, uvumile ukuthi bayasebenz­a nobantwini. Nokho ugcizelele ukuthi kayikho ingoma entsha asebeyenzi­le.

“Uzakes nguyena ongisizayo njengoba sengilungi­selela ukudlala ngezinsimb­i bukhoma, nguyena ohlelayo ukuthi izingoma kanye nezinsimbi kuzohambis­ana kanjani,” kusho ul’vovo. Utshele leli phephandab­a ukuthi kuyimanje basezinhle­lweni zokwenza i-albhamu yakhe (ul’vovo) ezophuma ekuqaleni konyaka ozayo.

“Uzakes nguyena ozokuba ngumdidiye­li we-albhamu yami ezophuma ngonyaka ozayo,” kuchaza ul’vovo. Utshele leli phephandab­a ukuthi yize ezosizwa nguzakes kodwa i-albhamu yakhe izophuma emabala okuyinkamp­ani aqopha ngaphansi kwayo.

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? LAPHA bathathwa ngesikhath­i besasebenz­a ndawonye uzakes Bantwini nol’vovo
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA LAPHA bathathwa ngesikhath­i besasebenz­a ndawonye uzakes Bantwini nol’vovo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa