KWABABANGA IZINDONDO
UQENGQELEZA phambili unasty C ngokuqokwa kumasouth African Hip Hop Awards (SAHHA) enzeka okuka-7 nonyaka njengoba evele emikhakheni engu-8 ngesikhathi kukhishwa uhlu ngomsombuluko.
Usuqalile umbango wokuthi ngubani ozokhala emuke nendondo ebhekwa kakhulu yesong of The Year lapho unasty C eqokwe ngezingoma ezimbili isend Me Away neKing ENO-ASAP Ferg.
Kulo mkhakha uncintisana nezinkalakatha, uriky Rick (Stay Shining), ukwesta ft Wale (Spirit), ucassper Nyovest (Ksazobalit), uzakwe (Sebentin), UDJ Speedsta ft Okmaloomkoolkat (Combos Communicating), unadia Nakai ft Cassper Nyovest, u-anatii (Thixo Onofefe) noKid X ft Chiano Sky (Aunty).
Kuyo yonke imincintiswano yezindondo lena yesong of the Year ithathwa njengephambili ilandelwe ngeyebest Album kuze eyabavelele ebulilini ngokwahlukana (Best Male/ Female).
Ingamashumi amabili imikhakha okuncintiswana kuyona kanti ukwesta usevele uyithathile eyeBest Digital Sales ngenoni ispirit njengoba kungabangiswana ngohambe phambili kwi- internet. Nocassper Nyovest usenayo ebhalwe yena azoyithola ngokuqopha umlando ngokugcwalisa IFNB Stadium ebizwa ngemilestone Award.
Kuzokhetha ukhethi nasemisakazweni njengoba nokhozi FM luqo- kiwe ngohlelo inamba Namba. Lolu hlelo lwakhala ngaphansi ngonyaka odlule ludliwa yimotsweding FM. Nemotsweding iqokiwe nakulo nyaka ngohlelo imotshwako wahip Hop ukubanga nokhozi FM okuyilo olunabalaleli abaningi eningizimu Afrika. Ezinye iziteshi eziqokiwe YIYFM, I-5FM, igoodhope FM, imetro, ISK.FM, igagasi FM neradio Bushbuckridge.
Usbo Fokol wokhozi FM, uthi behlulwa ngephesenti elincane ngonyaka odlule kodwa babeyithathile ngo-2016.
“Kuhle ngoba nabaphathi bayasilekelela ngokufaka isikhangiso sokuba sivotelwe. Nginethemba lokuthi kuzokwenzeka uma sekuqala ukuvotwa. Ngicabanga ukuthi abalaleli babuye badembesele uma kuza ekuvoteni okhozini FM ngoba kwaziwa vele ukuthi sinabalaleli abaningi kanti abezinye iziteshi kabazibeki phansi,” usho kanje.
Imikhakha eminingi kayivotelwa kodwa isinqumo esingujuqu kuyaye kube ngesamajaji bese kuthi kweminye kuthathwe u-60% wesivumelwano samajaji no-40% wokuvotelwe ngabalandeli.
Imikhakha ephelele iyatholakala ku- www.sahiphopawards.com. Okugqamile ezinkundleni ezahlukene yizikhalo ngokungabonwa nangokhalo kuka-aka noA-reece kodwa kukhona uboity okugcine kuvela ukuthi bebengazange vele bangenele.