ULIBALA WU-FACEBOOK NOMA SENZA UCANSI
1. BABA: Ngiyafa yindlala yocansi. Nginomyeni ona-52 mina ngina-39 ubudala. Uyangibulala ngendlala, sinezinyanga ezine singadibani.
Uthi usemdala mangibekezele. Ngabe yini okumele ngiyenze ukuze asizakale ngoba uma ngithi masiye kwadokotela, uthi akanankinga mayelana nocansi, inkinga anayo usemdala. Ubuye athi uphazanyiswa yingane, izosibona, asiyikhiphe ekamelweni ekubeni ingane isencane kakhulu ukuba singayikhipha.
Ngike ngabuka ufacebook wakhe, uxoxa kakhulu ngezasekamelweni nosisi, kodwa lapha endlini akaxoxi ngakho. Uma engasebenzi, uhamba ekuseni aze abuye ngabo-11 ebusuku sesilele. Isikhathi sami akanaso, akangikhiphi, uzikhipha yedwa njalo nje. Singakashadi ubengikhipha. Okunye unothando kakhulu nabantwana, olwami kalusekho. Ngicela usizo, sengize ngaba nenzondo.
IMPENDULO: Sizwelana nawe kakhulu nkosazane. Siyazi ukuthi isisu kasikweletwa, kodwa ngoba nishadile kungaba yisu elihle ukuba wehlise umoya umncenge, umchazele ukuthi ikati selilala eziko amabhodwe eshunqa.
Ngokwencazelo yakho kuyabonakala ukuthi umyeni wakho akusiyena umuntu ogulayo kodwa ubonakala engumuntu odidwe wuthando lwangaphandle. Ngakho akusilona ihlazo ukuba udaba olunje ulwethule kwabadala emndenini wakubo noma ulubikele umfundisi owanishadisa uma ningabantu benkonzo. 3. BABA: Ngingowesilisa oganiwe, inkinga yami wukuthi uma ngicela lo mama ukuba senze inkonzo yasekamelweni, uvesane alibale ufacebook noma siyenza kodwa ebe efunda wona manje angazi inkinga ikuphi kuyena.
IMPENDULO: