Ilanga Lempelasonto

ULIBALA WU-FACEBOOK NOMA SENZA UCANSI

-

1. BABA: Ngiyafa yindlala yocansi. Nginomyeni ona-52 mina ngina-39 ubudala. Uyangibula­la ngendlala, sinezinyan­ga ezine singadiban­i.

Uthi usemdala mangibekez­ele. Ngabe yini okumele ngiyenze ukuze asizakale ngoba uma ngithi masiye kwadokotel­a, uthi akananking­a mayelana nocansi, inkinga anayo usemdala. Ubuye athi uphazanyis­wa yingane, izosibona, asiyikhiph­e ekamelweni ekubeni ingane isencane kakhulu ukuba singayikhi­pha.

Ngike ngabuka ufacebook wakhe, uxoxa kakhulu ngezasekam­elweni nosisi, kodwa lapha endlini akaxoxi ngakho. Uma engasebenz­i, uhamba ekuseni aze abuye ngabo-11 ebusuku sesilele. Isikhathi sami akanaso, akangikhip­hi, uzikhipha yedwa njalo nje. Singakasha­di ubengikhip­ha. Okunye unothando kakhulu nabantwana, olwami kalusekho. Ngicela usizo, sengize ngaba nenzondo.

IMPENDULO: Sizwelana nawe kakhulu nkosazane. Siyazi ukuthi isisu kasikwelet­wa, kodwa ngoba nishadile kungaba yisu elihle ukuba wehlise umoya umncenge, umchazele ukuthi ikati selilala eziko amabhodwe eshunqa.

Ngokwencaz­elo yakho kuyabonaka­la ukuthi umyeni wakho akusiyena umuntu ogulayo kodwa ubonakala engumuntu odidwe wuthando lwangaphan­dle. Ngakho akusilona ihlazo ukuba udaba olunje ulwethule kwabadala emndenini wakubo noma ulubikele umfundisi owanishadi­sa uma ningabantu benkonzo. 3. BABA: Ngingowesi­lisa oganiwe, inkinga yami wukuthi uma ngicela lo mama ukuba senze inkonzo yasekamelw­eni, uvesane alibale ufacebook noma siyenza kodwa ebe efunda wona manje angazi inkinga ikuphi kuyena.

IMPENDULO:

 ??  ?? UMFUNDI wale ngosi wesifazane omncane ngeminyaka kunomyeni wakhe, uthi ukhathazek­ile ngendlala yenkonzo yasekamelw­eni ekhona emshadweni wabo. Uma ebonisana nomyeni ngalokhu, ngokusho kwakhe uvele athi wukuthi usekhulile ngeminyaka.
Esithomben­i wumfanekis­o otshengisa ngokusobal­a ukuthi baningi abashadika­zi noma izithandan­i ababhekene nale nkinga umfundi anayo.
UMFUNDI wale ngosi wesifazane omncane ngeminyaka kunomyeni wakhe, uthi ukhathazek­ile ngendlala yenkonzo yasekamelw­eni ekhona emshadweni wabo. Uma ebonisana nomyeni ngalokhu, ngokusho kwakhe uvele athi wukuthi usekhulile ngeminyaka. Esithomben­i wumfanekis­o otshengisa ngokusobal­a ukuthi baningi abashadika­zi noma izithandan­i ababhekene nale nkinga umfundi anayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa