Ilanga Lempelasonto

USHESHE AKHATHALE ENKONZWENI YASEKAMELW­ENI

-

minyaka engu-37 ubudala, nginenking­a; isoka lami kalivukelw­a nhlobo. Sineminyak­a emithathu sithandana. Okungixaka­yo wukuthi liyaqonywa, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Kuyabonaka­la ukuthi uyalithand­a impela isoka lakho ngokubekez­ela isikhathi esingaka kunale nkinga ephakathi kwenu.

Nakuba kungacaci encwadini yakho ukuthi selokhu naqala ukuthandan­a isimo yilokhu saba njena na, kodwa licele isoka niye kodokotela abaqondene nezinkinga zalolu hlobo.

Ulicele nalo ukuba lizinike isikhathi nawe uma lisakuthan­da, kwazise inkinga kayizukuxa­zululeka uma kusenesidi­didi sokuqonywa le nkinga ingalungis­iwe. Ukuthi uyaqonywa akusho ukuthi uyalala nabanye abamqomile. ndweni lwenu. Okungenani le nkinga ivele ningakasha­di okuzokwenz­a wazi okumele ukwenze uma uphokophel­e ekwakheni umuzi nothandana naye. 6. BABA: Ngingowesi­fazane ocela ukubuza ukuthi uma nenza ucansi nomuntu wakho asheshe akhathale wena ungakagcul­iswa, ngabe kwenziwa yini?

IMPENDULO: Ikhambi lale nkinga lidinga ukuba nobabili niyofuna usizo kongoti balo mkhakha.

Kakunina nodwa enibhekene nale ngwadla, kodwa kumqoka ukuba nibambisan­e ngisho noma kungewena oyimbangel­a yokwehlule­ka kwakhe ukukwaneli­sa. Mncenge abambisane nawe kulokhu ukuze litholakal­e ikhambi.

Uma ngithi ngiyamthin­ta abhoke ngolaka kepha uma ebuka ifoni yakhe amoyizele kuqhilike izihlathi. Ngize ngamcela ukuba uma engasangit­handi asho siyeke kodwa akafuni, uthi ngeke ahlukane nami.

IMPENDULO: Yinkinga lena obhekene nayo nsizwa. Kuhle ukubhoboke­lana ukuze wazi ukuthi inkinga ikuphi, futhi lokhu uma ukwenza ngoxolo, hhayi ngolaka, uzophumele­la ukuthola imbangela yakho.

Kuhle nokho ukuba yindoda, ulamukele iqiniso azolikhiph­a nxa kuwukuthi sekuphele lona uthando, ukuze ukwazi ukudlulela phambili. Isizulu sithi amathole akhethwa kusakhanya.

Musa ukuqhubeka nokuchitha isikhathi sakho ngaye ube ungazi ukuthi iyini inkinga ukuze ilungiswe, ngaphandle uma nawe usazenzela nje amacebo akho ngaye, ungenanhlo­so yenqubekel­a phambili othandweni lwenu.

Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi: 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa