USHESHE AKHATHALE ENKONZWENI YASEKAMELWENI
minyaka engu-37 ubudala, nginenkinga; isoka lami kalivukelwa nhlobo. Sineminyaka emithathu sithandana. Okungixakayo wukuthi liyaqonywa, ngenzenjani?
IMPENDULO: Kuyabonakala ukuthi uyalithanda impela isoka lakho ngokubekezela isikhathi esingaka kunale nkinga ephakathi kwenu.
Nakuba kungacaci encwadini yakho ukuthi selokhu naqala ukuthandana isimo yilokhu saba njena na, kodwa licele isoka niye kodokotela abaqondene nezinkinga zalolu hlobo.
Ulicele nalo ukuba lizinike isikhathi nawe uma lisakuthanda, kwazise inkinga kayizukuxazululeka uma kusenesidididi sokuqonywa le nkinga ingalungisiwe. Ukuthi uyaqonywa akusho ukuthi uyalala nabanye abamqomile. ndweni lwenu. Okungenani le nkinga ivele ningakashadi okuzokwenza wazi okumele ukwenze uma uphokophele ekwakheni umuzi nothandana naye. 6. BABA: Ngingowesifazane ocela ukubuza ukuthi uma nenza ucansi nomuntu wakho asheshe akhathale wena ungakagculiswa, ngabe kwenziwa yini?
IMPENDULO: Ikhambi lale nkinga lidinga ukuba nobabili niyofuna usizo kongoti balo mkhakha.
Kakunina nodwa enibhekene nale ngwadla, kodwa kumqoka ukuba nibambisane ngisho noma kungewena oyimbangela yokwehluleka kwakhe ukukwanelisa. Mncenge abambisane nawe kulokhu ukuze litholakale ikhambi.
Uma ngithi ngiyamthinta abhoke ngolaka kepha uma ebuka ifoni yakhe amoyizele kuqhilike izihlathi. Ngize ngamcela ukuba uma engasangithandi asho siyeke kodwa akafuni, uthi ngeke ahlukane nami.
IMPENDULO: Yinkinga lena obhekene nayo nsizwa. Kuhle ukubhobokelana ukuze wazi ukuthi inkinga ikuphi, futhi lokhu uma ukwenza ngoxolo, hhayi ngolaka, uzophumelela ukuthola imbangela yakho.
Kuhle nokho ukuba yindoda, ulamukele iqiniso azolikhipha nxa kuwukuthi sekuphele lona uthando, ukuze ukwazi ukudlulela phambili. Isizulu sithi amathole akhethwa kusakhanya.
Musa ukuqhubeka nokuchitha isikhathi sakho ngaye ube ungazi ukuthi iyini inkinga ukuze ilungiswe, ngaphandle uma nawe usazenzela nje amacebo akho ngaye, ungenanhloso yenqubekela phambili othandweni lwenu.
Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni ababhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi: 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.