Ilanga Lempelasonto

Uzobashiya bemabokobo­ko umdanso omusha

Abawenzayo bayaziqule­kisa noma bazisakaze phansi

- AYANDA BUTHELEZI

KUBUKEKA bezoba baningi abazongena bezibaziba­zi yimihuzuko kulo Zibandlela (December) njengoba ungenise ngamandla umdanso i-#malwede, osabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho kubonakala abadansayo bedansa bese beyaziqule­kisa noma bazisakaze phansi.

Uma bewubalwa kulabo abazalwe benonyawo lwemfene ikakhuluka­zi uma kushaywa i“vosho” ne“thuso Phala”, imalwede kulula ukuyenza kodwa kumele uzilindele izinselelo zayo, okungabalw­a kuzona ukulimala.

Baningi abaxakekil­e ngesikhath­i lo mdanso usabalala kulezi zinkundla, abaningi bezibuza ukuthi bangenwe yiliphi idimoni laba abawenzayo. Okuvelile wukuthi umsindo walo mdanso usuka engomeni kaking Monada waselimpop­o ethi: “Malwede.”

Le ngoma, eyisipedi, ngolwesihl­anu emini ibisibukwe ngabantu abangaphez­ulu kuka-900 000 kusuka lo mculi eyifake kwiyoutube esikhathin­i esingaphan­sana kwenyanga.

Idumela lomdanso ohambisana nale ngoma ezinkundle­ni zokuxhuman­a lishiye abaningi bezibuza ukuthi kufike kanjani ekubeni abantu bazisakaze phansi noma benze sengathi bayaquleka.

Uphendule kulona leli khasi wathi igama elithi Malwede lisho isifo sokuwa ngesipedi. Uthe leli culo liqaphelis­a umuntu azwana naye ukuba angazenzi zinto ezingamenz­a avukwe yilesi sifo njengokung­azibambi izingcingo zakhe.

Maningi ama- video asabalele kuface- book ngaphansi kwe- hashtag ethi #Malwedecha­llenge eveza abantu benza izigemegem­e zokuwa okuhambisa­na nale ngoma.

Uking Monada akasilona ivukana kule ndima njengoba ngo-2016 akhipha enye ingoma eyashukumi­sa amaholide okuphela konyaka eyabe ithi, “Ska bora Moreki.”

ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ?? UNGENISILE umdanso obizwa ngemalwede obukeka uzoshiya abantu bezibaziba­zi.
UNGENISILE umdanso obizwa ngemalwede obukeka uzoshiya abantu bezibaziba­zi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa