Uzobashiya bemabokoboko umdanso omusha
Abawenzayo bayaziqulekisa noma bazisakaze phansi
KUBUKEKA bezoba baningi abazongena bezibazibazi yimihuzuko kulo Zibandlela (December) njengoba ungenise ngamandla umdanso i-#malwede, osabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakala abadansayo bedansa bese beyaziqulekisa noma bazisakaze phansi.
Uma bewubalwa kulabo abazalwe benonyawo lwemfene ikakhulukazi uma kushaywa i“vosho” ne“thuso Phala”, imalwede kulula ukuyenza kodwa kumele uzilindele izinselelo zayo, okungabalwa kuzona ukulimala.
Baningi abaxakekile ngesikhathi lo mdanso usabalala kulezi zinkundla, abaningi bezibuza ukuthi bangenwe yiliphi idimoni laba abawenzayo. Okuvelile wukuthi umsindo walo mdanso usuka engomeni kaking Monada waselimpopo ethi: “Malwede.”
Le ngoma, eyisipedi, ngolwesihlanu emini ibisibukwe ngabantu abangaphezulu kuka-900 000 kusuka lo mculi eyifake kwiyoutube esikhathini esingaphansana kwenyanga.
Idumela lomdanso ohambisana nale ngoma ezinkundleni zokuxhumana lishiye abaningi bezibuza ukuthi kufike kanjani ekubeni abantu bazisakaze phansi noma benze sengathi bayaquleka.
Uphendule kulona leli khasi wathi igama elithi Malwede lisho isifo sokuwa ngesipedi. Uthe leli culo liqaphelisa umuntu azwana naye ukuba angazenzi zinto ezingamenza avukwe yilesi sifo njengokungazibambi izingcingo zakhe.
Maningi ama- video asabalele kuface- book ngaphansi kwe- hashtag ethi #Malwedechallenge eveza abantu benza izigemegeme zokuwa okuhambisana nale ngoma.
Uking Monada akasilona ivukana kule ndima njengoba ngo-2016 akhipha enye ingoma eyashukumisa amaholide okuphela konyaka eyabe ithi, “Ska bora Moreki.”
ayandab@ilanganews.co.za