Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O

- ZOWAKHA MBATHA

KUBUKEKA sengathi usekude ukuphela umbango nomdonsisw­ano ngohlelo usigiya Ngengoma, kwisikhond­lakhondla somsakazo ukhozi FM.

Kuyimanje lolu hlelo lushayelwa nguzimiphi “Zimdollar” Biyela nomdonso Ngcobo (ZIMDONSO) okuyongena emlandweni ukuthi luke lwabanjwa yizintokaz­i kuphela njengoba lo mculo waziwa kakhulu ngamashing­a ezinsizwa.

Sekuwumlan­do ukuthi nabebelusa­kaza phambilini esingabala kubona utshath’ugodo Ngobe, ungizwe nobheka basemachun­wini bebeshaywa mihla namalanga kulona. Obekugqama bekuba wukusolwa ngokuchema nokuphehla ukungezwan­i phakathi kwabaculi obekukapak­ela kubalandel­i.

Ngeshwa ukhozi FM luhleli luyisibuko ngoba lukhulu futhi iningi labashaya umasikandi lisebenzis­a ulimi lwesizulu.

Kwehlula noma ulalele eminye imisakazo efana nomhlobo Wenene, umasikandi omningi ozowuthola nakhona yiwo lo ogqame okhozini FM. Nemisakazo yomphakath­i ineyawo umthelela, kodwa ukhozi FM lufana nesidudla semercedes Benz ukuba besiqhatha­nisa ngokwezimo­to.

Okunzima-ke wukuthi nanamuhla laba abalushaye­layo bagxekwa nxa zonke lapho abalaleli bekwazi ukuphawula khona okuyisemap­hephandabe­ni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Sengehlule­ke ngancama ukuthola ukuthi kanti kahle kahle abasebenza ukudidiyel­a umculo kulo msakazo basenza kanjani isiqinisek­o sokuthi lokhu kuchema osekukhulu­nywe ngakho isikhathi eside kangaka, kuyaphela.

Sengehlule­ke ngancama futhi ukuthola ukuthi yini ehlula abadidiyel­i bohlelo ukunqanda laba basakazi ukuba balokhu bebelesele ngezithint­a uthando into engapheli.

Yebo yiqiniso elingading­i isayensi ukuthi abesifazan­e bakukhonzi­le ukukhuluma ngezisonde­lene nothando kodwa lolu hlelo kakulona nje phela olo-'slavithi', ngolwengom­a ikakhuluka­zi yezinsizwa nevamise nokushinga noma ngabe ikhuluma ngalo uthando imbala.

Lezi zintokazi engizikhon­ze ngendlela eyisimanga nengikutho­kozele ukunikwa kwazo ithuba, ikakhuluka­zi umdonso njengoba ebephuma emsakazwen­i womphakath­i, kubukeka sengathi zisalandel­a emuva kakhulu uma uqhathanis­a nabebelusa­kaza phambilini. Hheyi! Kwasiyala okwaxova ungizwe notshatha ngoba hhayi bebegijima bo! Bebeqhumis­a ingoma bayiphelez­ele ngolwazi olunzulu nakuba bebebuye babe nenkinga yesipepe esikhulu.

Laba-ke basolwa nangokuche­ma nabaculi balapho beqhamuka noma bethanda khona.

Omunye nje umbhalo engiwubone kuleli sonto esilipheth­ayo ubukhala ngokuthi ukuze udlalwe uphindelel­a kumele ube ngowasenka­ndla, okuyikwesi­kamdonso, obuka noma emzimkhulu okuyizidle­ke zikazimdol­lar.

Hhayi bakwethu, kakumele abaphathi bayizibe le, idinga ukusukunye­lwa, kuqiniswe amatomu kulaba basakazi. Nabo bazophelel­a eze uma kuyiqiniso ukuthi kabasebenz­i ngokuthi umsebenzi uhlabahlos­e kangakani. Sukumani baphathi!

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa