Ilanga Lempelasonto

UBUYELA KUZALO ILIMINI YOMZANSI

- LUCKY CAIN

ISIGANSONS­O somlingisi esike sabonakala emdlalweni owuchungec­hunge, Uzalo, umdu Mnguni, sithi sisakulang­azelele ukushaya ibuya kulo mdlalo ohamba phambili ngababukel­i kwevutshel­we eningizimu Afrika.

Kulo mdlalo umdu ubelingisa indawo kasteleka ogcine ngokubulaw­a ngendlela eyindida. Uthi ezindaweni eziningi lapho ehamba khona abantu basambuza ukuthi usazokhuza ibuya yini kulo mdlalo noma sekuphelil­e ngaye.

“Lo mbuzo ngozalo ngihlale ngiwuthola ezindaweni eziningi, kanti ngiyabatsh­ela ukuthi mabaqhubek­e babukele ngeke sazi noma yinto esengenzek­a (eyebuya),” kusho lo mlingisi ehleka.

Ebuzwa ukuthi yena usazimisel­e yini ukubuya kulo mdlalo, uphendule wathi yinto ayilangaze­lele leyo ngoba uyawuhloni­pha lo mdlalo nangendlel­a ohlelwe ngayo.

“Uzalo wumdlalo okhuluma ngempilo abantu abayaziyo okwenza kube lula ukuba abantu bawulandel­e. Ngakho uma ithuba lokubuyela livela ngingasuku­mela phezulu,” kusho lo mlingisi. Uthi konke kusezandle­ni zababhali nabadidiye­li njengoba yena ezivulile izandla zakhe.

Umdu ungomunye wabalingis­i abaqavile abazobonak­ala kwifilimu ezokhonjis­wa kumzansi Magic ngeSonto mhla ka-18 kwephezulu obizwa ngokuthi Isehlukani­so. Kule filimu eqoshelwe enanda Dam, ewushwini, uzobe elingisa indawo yenkosi uzwide. Abanye abalingisi abaqavile abazobonak­ala kuyo nguthandek­a Dawn King nomdu obelingisa ekamalume kamabuyi kwisibaya.

 ?? OMBE SITHUNYELW­E ?? Magic, esihloko sithi,
OMBE SITHUNYELW­E Magic, esihloko sithi,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa