Ilanga Lempelasonto

LE FILIMU IBUYE IGXILE EMAHLAYENI ANGENANGQO­NDO NHLOBO

-

NOBODY’S FOOL UMQONDISI: Tyler Perry ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Tiffany Haddish (Tanya), Tika Sumpter (Danica), Omari Hardwick (Frank), Mehcad Brooks (Charlie), Amber Riley (Kalli), Whoopi Goldberg (Lola), Chris Rock (Lawrence) UHLOBO: Romantic Comedy IMINYAKA: 16 D/L/S UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

NGIPHUME umoya wami uphansi kule filimu ebengiyibh­eke ngabomvu njengoba bese ngike ngabona izikhangis­o zayo ekubeni ngingumlan­deli wemikhiqiz­o katyler Perry.

Kangazi noma kulokhu wenzelwe phansi yindlela okulingisw­a ngayo utanya yini njengoba eyiphendul­a ihlaya elisezinge­ni eliphansi ekubeni nguye olingisa phambili. Iqala utanya ephuma ejele. Yona ingodaba olunzulu lokuphumel­ela empilweni, kodwa kushode kwezothand­o njengoba kwenzeka kudanica ongudadewa­bo.

Iphinde iveze futhi ukuthi izenzo zakho zingakwenz­ela kanjani phansi njengoba kwenzeka kufrank ongafunwa ngudanica ngenxa yomlando omubi anawo, wokungena nasejele. Yisitori esimnandi esikhombis­a khona ukuthi la kukhona khona uthando nendlela ikhona njengoba ekugcineni lunqoba nakuba kuba nezigaba ezidabukis­ayo lapha nalaphaya.

Nokuphapha­theka kukadanica aze azinikele kumlisa angamazi, ucharlie, kukubeka ngokusobal­a ukuthi indlala iyamenza umuntu agcine ebuka izinto ngeso elingahluz­i. Uzokujabul­ela okungamahl­aya lapha nalaphaya ikakhuluka­zi uma la madodakazi kalola enonina ozidlela igudu ngendlela exakile.

Nangesikha­thi behlasela ulawrence obezenza ucharlie kwiinterne­t, uzohleka uma i- perm yakhe isivutha amalangabi, esukuma nasesihlal­weni njengoba ebebonakal­a engumuntu ongakwazi ukuhamba kanti kakunjalo.

Ongawathan­di amahlaya abuye akhombise ukungabi nangqondo angazihlup­hi ngokuyoyib­uka. Ingene ngolwesihl­anu lwesonto eledlule e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za

BAQINISILE abathi igama liyamseben­zela umuntu kule mboni. Kangimanga­langa uma ngibona ukuthi le filimu katyler Perry iqhwakele phezulu ngempelaso­nto ephume ngayo yomhla ka-2-4 kulwezi (November) kwayishumi ahambe phambili.

Abebeyoyib­uka bebekhangw­e yigama likatyler Perry. IVENOM yona ibiphambil­i ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r20 646 956. Nalu uhlu oluphelele lwe-top 10:

1. NOBODY’S FOOL

2. VENOM

3. NUTCRACKER & THE FOUR REALMS

4. A STAR IS BORN

5. NIGHT SCHOOL 6. PEPPERMINT

7. SMALLFOOT

8. GOOSEBUMPS: A HAUNTED HALLOWEEN

9. ESCAPE PLAN 2

10. JOHNNY ENGLISH: STRIKES AGAIN

 ?? ISITHOMBE: COMINGSOON.NET ?? BAZOKUQEDA ngamahlaya uma bendawonye ulola namadodaka­zi akhe udanica kwesobunxe­le notanya
ISITHOMBE: COMINGSOON.NET BAZOKUQEDA ngamahlaya uma bendawonye ulola namadodaka­zi akhe udanica kwesobunxe­le notanya
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa