Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA IZINCWADI

- BONGINKOSI ZONDI

BONKE abantu abanothand­o lukanobhut­shuzwayo nomlando wawo, ikakhuluka­zi abalandeli bamaZulu FC, bazoyithok­ozela incwadi ekhuluma ngempilo kacedric Thulani “Sugar Ray” Xulu.

Lena yincwadi esafakazel­a khona ukuvelela kwakhe nekhono elibabazek­ayo kulo mdlalo futhi elingasoze lalibaleka nanini kubathandi bawo, ikakhuluka­zi abake bazibonela ngezinsuku zakhe esadlala.

Le ncwadi ebhalwe ngobukhulu ubuciko nesineke nangolimi olucacile ngumnu Sibusiso Desmond Khumalo, akuvumi uyibeke phansi uma usuqalile ukuyifunda, njengoba kuthathe izinsuku ezimbili nje vo ukuba ngiyiqede.

Yincwadi lena engesiyona undendende njengoba inamakhasi angu-177 kepha ibhalwe ngendlela ekwenza usale unesithomb­e esiphelele ngomlando nobekwenze­ka emdlalweni webhola lezinyawo kwabomdabu ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Okugqame kakhulu ngale nsizwa yakwaxulu wukuthi bonke abayaziyo basho into eyodwa ngayo ukuthi ingumuntu ozithobile ngendlela eyisimanga futhi ongesona isikhulumi, njengoba nebizo layo elithi nguthulani liyakufaka­zela lokho.

Ngaphandle kokumumath­a umlando omningi nocacile ngalo mdlali ngesikhath­i sakhe, le ncwadi ibuye idlulise izeluleko ezakhayo nezisemqok­a usugar Ray azibhekise kubadlali abasebanca­ne abafisa ukuziphili­sa ngawo lo mdlalo nangempilo jikelele. Kulokhu kayisali indaba yotshwala, yizidakami­zwa nokubhubhu­dla imali.

Nokho kayibange isathintwa indaba yesifazane ngoba phela ukubhubhud­la imali akugcini ngotshwala kuphela. Kasenele lapha isikhala sokukubala konke okubekwe kamtoti ngokulande­lana nangobucik­o ngumlobi kule ncwadi esihloko sithi "NGIBUKA NGESO LESIHLABAN­I".

Phakathi kokunye okungasoze kwalibalek­a yindaba yokubukelw­a phansi kwabadlali abaphuma Kwazulu-natal yizikhulu ezengamele unobhutshu­zwayo kuleli njengoba kwabonakal­a kuqokwa iqembu lekhethelo labansundu elalizodla­la nelabamhlo­phe ngo-1973. Emuva kokudonsa kanzima kwalelo qembu kwabonakal­a ukuthi ukushiywa kwakhe kulona kwakube yimpazamo.

Walandwa ekubo ngosuku lomdlalo engasabang­a yingxenye yekhempu yaleso sikwata. Wehla endizeni wayiswa enkundleni okuyilapho angeniswa ngesiwombe sesibili.

Abasakazi ababesethu­lela umdlalo baphawula ukuthi udonga eqenjini labamhloph­e obelukade luyinkinga emidlalwen­i eyandulela lowo wamanqamu, lwaqala ukubonakal­a ludilika nxa ibhola selibanjwe ngusugar Ray, okwaphetha ngokuba kube negoli lokuqala elangena ohlangothi­ni lwabamhlop­he, lishaywa nguye futhi usugar Ray kade ligotshwe ngumboneni “Shaka” Ngcobo.

Uma elichaza uthi lalicacile futhi lishesha ngangokuth­i yayingekho indlela yokuliphik­a. Futhi uma umfundi eseqedile ukuyifunda usala engasenawo umbuzo wokuthi kungasizat­hu sini inkundla yezemidlal­o yaseclermo­nt entshonala­nga yetheku yethiwe ngosugar Ray.

Lokho nokunye okuningi umfundi angazithol­ela yena kule ncwadi abheme akholwe. Ngemininin­gwane angaxhuman­a nabashicil­eli kule nombolo: 073 101 2001. bonginkosi@ilanganews.co.za UMCULI: OMEGA KHUNOU ISIHLOKO: WORSHIP IN SPIRIT & TRUTH

UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 8/10

KUYAHANJWA kule albhamu. Imnandi yonke kusuka iqala ize iyophela. Lapha kuyacaca ukuthi u-omega uzinike isikhathi, zidlaliwe izinsimbi, izihlwele ziyahayiza njengoba kuqoshwe bukhoma elyric Theatre. Kungasha amabhodwe uma ungaphika nale albhamu. Abazalwane kakumele baphuthelw­e yiyona. Iyatholaka­la ezitolo zomculo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa