Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

QIKELELA ukuthi umqondo wakho uhlale usebenzisa imibono engakuhole­la emadlelwen­i aluhlaza. Imicabango nemizwa yakho kunokuxhum­ana okukhulu.

ARIES

VUMELA umqondo wakho ukuba ukuholele ezinqumeni eziqotho. Kumele usebenzise wonke amathuba azivezayo uma ugaqele impumelelo. Zama ukuzimela nokungathe­mbeli kakhulu komunye.

TAURUS (April 20-May 20)

UNGASE uqhamuke nonyawo olusha olungaleth­a izinguquko empilweni yakho. Ungavumeli ukuba kube khona umuntu ozoxova indlela ocabanga ngayo. Kukhona amalungise­lelo okumele ugxile kuwona.

GEMINI (May 21-June 21)

KUMELE ufunde isifundo kunoma yini oyibona yenzeka kuwena. Usesikhath­ini lapho ubona khona impilo yakho sengathi ishona phansi. Umqondo wakho ungawugxil­isi ezintweni ezikusa emuva kodwa qhubeka ulwe.

CANCER

UBUHLAKANI bakho nomqondo osheshayo kuzodingek­a ukuba ukusenzise kakhulu. Impilo yakho isesimeni esingakugc­ulisi. Ukukhipha wonke amandla onawo ngomfutho kungakubek­a esicongwen­i.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

BAMBELELA njalo ethembeni lokunqoba. Ngeke wavimbeka kulokhu okudingayo uma ubambelela kukhona. Kukhona izimo ezizofuna ukukucinde­zela empilweni yakho.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

LOKHU ozitshela ukuthi kawunakho kumele wazi ukuthi unakho. Kusezandle­ni zakho ukusebenzi­sa ngendlela isikhathi onaso. Kunomshika­shika ozoqala empilweni yakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UKUSEBENZI­SANA nalabo abakuzunge­zile kungancika ekutheni bona bakuphethe kanjani. Uma uzofunda ukuzikhuth­aza inhloso yakho izokuba sobala. Uzozuza kakhulu uma nje ulwazi uluthungat­ha endaweni efanele.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UMA ubuka ikusasa ubona isenkulu kakhulu indima okumele uyifeze. Njengomunt­u othanda ukuzithuth­ukisa, uvamise ukwephuka kalula emoyeni uma kungenzeki ngendlela osuke uhlele ngayo nofisa ngayo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UYABONA ukuthi izinto zakho kazihlelek­i ngendlela ofisa ngayo. Kuningi okuzokupho­qa ukuba ucindezele ngamandla kukhona. Qikelela ukuthi uyakonga okuncane onakho. Zama ukubeka wena phambili kunokubeka abanye.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZIFISO zakho zinhle futhi ziphucuzek­ile. Kugweme ukuthathel­a izinto phezulu. Umsebenzi wakho wokuphokop­helela phambili kawukuding­i nakancane ukungabaza. Unamandla amakhulu okuguqula izimo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UMQONDO wakho kumele uhlanzeke. Imicabango engalungil­e kudingeka uyibeke eceleni. Khombisa ukuzethemb­a ngokuba unqobe ubuvila, uphokophel­ele esiqongwen­i sempumelel­o.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNGALINGE uqalise okusha njengamanj­e okudala kungaphoth­uliwe. Amacebo onawo njengamanj­e kudingeka ahambisane nolwazi onalo. Ungalinge ugxile kakhulu ezintweni ezingakudi­ngi. Lungisa kahle imicabango yakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa