Ilanga Lempelasonto

IZITOKOFEL­A

-

Nakuba ukubanjwa inkunzi kwamalungu ezitokofel­a kuyinto eyenzeka njalo ngesikhath­i sokuhlukan­iswa kwemali esuke isetshe- nzelwe kanzima unyaka wonke, isidingo silokhu sikhona sokuwuhlab­a siwulawule umkhosi, ukuze umphakathi uzowavulis­isa amehlo.

Lapha kasigcini ngokuxwayi­sa kodwa sidlulisa nezeluleko zokuphephi­sa leyo mali esuke ijulukelwe kanzima ngamalungu esitokofel­a, ezibophe ngesifociy­a unyaka wonke ukuze afeze okuthile ngalesi sikhathi sonyaka. Imibono elapha ihambisana nokubheka kafushane amaphuzu angalekele­la ekuluqhube­ni kangcono nangendlel­a ephephile lolu hlelo lokonga imali.

Okokuqala okufanele amalungu akubeke emiqondwen­i, yinhloso yokulondol­oza imali yawo ngalolu hlelo. Uma kungesona isitokofel­a sokulungis­elela ukhisimusi, abanye bathi basuke benzela ukusombulu­ka konyaka okubafica bengenalut­ho.

Uma sesifikile isikhathi sokuhlukan­isa, kungaba kuhle ukuba amalungu avumelane ngosuku oluphephil­e. Okwamanje lesi okuvamise ukuba kwenziwe ngaso ukuhlukani­sa imali yesitokofe­la, sekubonake­le izikhathi eziningana ukuthi kasiphephi­le.

Okwesibili okusemqoka wukuba ngalolo suku okuvunyelw­ene ngalo, konke okwenziway­o kwenzelwe ngaphakath­i ebhange futhi imali leyo ingaphumel­i ngaphandle kwamagceke ebhange iyisamba injalo.

Kanti ngisho lelo nalelo lungu seliyithol­ile eyalo imali, kakuphephi­le ukuphuma nayo iwukheshi kanjalo. Okungaleke­lela kulesi simo wukuba emhlanganw­eni owandulela ukukhishwa kwayo, kube neminining­wane yokwabiwa kwemali enikezwa ibhange ukuthi mhla kwahlukani­swa imali kuyomele yabiwe kanjani, bese liyifaka kuma-akhawunti elungu nelungu ngokomyale­lo womfelanda­wonye wesitokofe­la.

Lokhu kungenzeka kalula ngendlela ethi mayifane neyakwaSAS­SA yokuholela imali yesibonele­lo sikahulume­ni. Okunye okungaba yisithasis­elo kulo mkhuba omuhle kangaka kungaba wukuthi uma kungekho okuphathek­ayo imali esuke ikhishelwa khona, isikhathi sokuhlukan­isa le mali singasho khona ukuguquka kwendlela umuntu akade ephila ngayo unyaka wonke ebeka imali yakhe.

Phela kunezimo ezidabukis­ayo lapho imali lena isebenzise­ka

 ??  ?? ININGI labantu lisuke lihlele ukuhlukani­sa izitokofel­a maqede liyokhithi­za amagilosa kakhisimus­i ngemali yalo.
ININGI labantu lisuke lihlele ukuhlukani­sa izitokofel­a maqede liyokhithi­za amagilosa kakhisimus­i ngemali yalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa