Ilanga Lempelasonto

Owosuthu uqinisa idolo abalandeli

Nokho owepolokwa­ne udalula iqhinga lokwehlula Amazulu

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wamazulu FC uqinisa idolo abalandeli bale kilabhu abanovalo njengoba ibambe ibhuleki emsileni we- log.

Usuthu luzodudula­na nepolokwan­e City kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo15h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Usuthu luya kulo mdlalo nje, izinto azihambi kahle njengoba imiphumela ingavumi.

Selokhu luphucwe amaphuzu angu-6 alukaze lunqobe mdlalo lugcine ngokuthola amaphuzu amabili.

Nokho ucavin Johnson ololonga usuthu uthi nakuba kusaqaqamb­a inhliziyo ngokuphucw­a kwabo amaphuzu kodwa noma kanjani kuzoyiwa emaholidin­i kakhisimus­i ezakhe sezisukile kule ndawo ezikuyona.

“Isimo esibhekene naso sinzima kodwa indlela umoya oyiyona kubadlali bami kungenza ngingangab­azi ukuthi kuzoshaya amaholidi kakhisimus­i sesingasek­ho kule ndawo embi esikuyona.

"Lokhu kuzobonaka­la kulo mdlalo wepolokwan­e City.

"Yiwona mdlalo esizotshen­gisa ngawo ukuthi sifuna ukuxaxama.

"Siyazi ukuthi kuzoba ngumdlalo onzima njengoba nayo ihlulwe yi-orlando Pirates phakathi neviki.

"Kodwa sisekhaya, sihlose ukungadede­li lutho ekhaya manje,” kusho ujohnson.

Ujosef Vukusic ongumqeqes­hi wepolokwan­e City uthi ukuhlulwa kwabo yipirates ngo-2-1 ngolwesibi­li ekhaya akubaphaza­misanga neze emakhanda.

“Umdlalo wepirates bekufanele siwunqobe sithole amathu- ba amaningi kunayo kodwa sangawaseb­enzisa.

"Kodwa-ke lo mdlalo usivule amehlo sabona nalapho sixega khona ngoba phela uma ulokhu unqobe njalo awube usawabona namaphutha.

"Silindele umdlalo onzima kumazulu njengoba esendaweni engeyinhle kwi- log.

"Futhi njengoba esekhaya nje, ngeke kube lula ukuwehlula.

"Kodwa-ke sinayo indlela yokuhlula amakilabhu uma sihambile.

"Uma uhambile awuhlaseli sengathi awuphilile ekhanda ulinda intuba eyodwa nje ushaye igoli bese uhlala emuva ulinde beze beyiziweng­u bese ubabamba.

"Nakulo mdlalo siyokwenza okufanayo, siyabazi abeve behlasela uma besekhaya kanti into engiyiqaph­elile ngabo wukuthi abamaki kahle emuva.

"Kodwa-ke angifuni ukwanda kakhulu ngengevu asilindele umdlalo,” kusho uvukusic.

Uma uhambile awuhlaseli sengathi awuphilile ekhanda, ulinda intuba...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI wamazulu FC, ucavin Johnson, uthi amaphaphu phansi kubalandel­i.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI wamazulu FC, ucavin Johnson, uthi amaphaphu phansi kubalandel­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa