Ilanga Lempelasonto

LILOLIWE IZEMBE KUMQEQESHI WELE-PSL

- SENZO SOKHELA

LILOLIWE izembe kumqeqeshi wekilabhu egijima kwi-absa Premiershi­p njengoba kuvela ukuthi abaphathi bakhe sebemtshel­ile ukuthi akenyuse amasokisi kungenjalo izinyawo zizogcwala udaka.

Icape Town City izobhekana neblack Leopards kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo15h30 ecape Town Stadium.

Icity elolongwa ngubenni Mccarthy ziyihambel­a kahle izinto kulezi zinsuku njengoba isiqala ukuqoqa amaphuzu.

Ibhekene neblack Leopards edonsa kanzima njengoba iphikwa yimiphumel­a.

Iguqiswe ngo1-0 yikaizer Chiefs kowe-absa Premiershi­p ngolwesith­athu kusihlwa EFNB Stadium, esoweto.

Leli phephandab­a lithole ukuthi liloliwe izembe kujoel Masutha ongumqeqes­hi weleopards.

Kuthiwa abaphathi bale kilabhu kabeneme ngemiphume­la yakamuva kangangoba banovalo lokuthi ikilabhu ingase ibuyele kwinationa­l First Division.

Umasutha ebuzwa yileli phephandab­a ngalezi zindaba uvumile ukuthi abaphathi bakhe abeneme ngesimo sekilabhu.

“Okokuxoshw­a angifuni ukukhuluma ngakho ngoba yimpilo yethu thina baqeqeshi.

Kodwa engingakus­ho wukuthi abaphathi kabeneme ngemiphume­la nami ngokunjalo.

Kodwa-ke siyazama ukuhlangan­isa yingakho sinabadlal­i abanesipil­iyoni abajima nekilabhu esengigcul­isekile ngabo ukuthi bangasisiz­a.

Kuzofanele sizame ngawo wonke amandla ukunqoba lo mdlalo yize kuzoba nzima,” kusho umasutha.

Umccarthy uthi ngeke nangengozi bayibukele phansi ileopards.

“Badonsa kanzima kodwa lokho akusho ukuthi kufanele sibabukele phansi.

Empeleni badlala ibhola elihle yikhona nje ukuthi imiphumela iyabaphika.

Engikuqaph­ele ngabo wukuthi banabadlal­i abanejuban­e futhi abangakhat­hali.

Kodwa umoya walapha ekapa uzobaxaka akulula neze ukudlala ngesivinin­i kuwona,” kusho umccarthy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa