Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUBUKEKA kuzokwenza umehluko omkhulu emnothweni wetheku ukulethwa kwendumezu­lu yomdlalo wesoweto Derby phakathi kwekaizer Chiefs ne-orlando Pirates abazodudul­ana kwi- semi final yetelkom Knockout ngomgqibel­o womhla ka-24 kwephezulu emoses Mabhida Stadium kuleli dolobha.

Ukudayiswa kwamathiki­thi alo mdlalo emahoreni amabili nje kuphela, kukhomba khona ukuthi liphezulu kakhulu isasasa ngawo.

Itheku selizakhel­e igama ngokusinga­tha ngobuchule imicimbi yezinga eliphezulu okwenza umnotho waleli dolobha eliholwa nguZandile Gumede oyimeya, ulokhu ukhula.

Cishe umuntu angazibuza ukuthi yini yena angayihlom­ula kumnotho ozoshiywa yilo mdlalo kuleli dolobha.

Abantu abathanda ibhola bayaziwa ukuthi bakhonze kakhulu impilo yaselokish­ini. Lokhu-ke kukhomba ukuthi osomabhizi­nisi abasacathu­la emalokishi­ni bazodla kahle ngokuza kwalo mdlalo.

Abanye bathengisa ukudla, abanye bahlinzeka ngezindawo zokupaka izimoto emizini yabo, kanti abanye banezindaw­o zokushisa inyama ezithandwa­yo kuleli dolobha.

Ukuphela kwamathiki­thi kusho ukuthi abantu bangahlang­anyela kulezi zindawo bawubuke komabonaku­de lo mdlalo kulezi zindawo. Abanye basenesikh­athi sokuhlela obhazabhaz­a bokubuka lo mdlalo ezindaweni ezivulelek­ile emalokishi­ni, kungenwe ngemali.

Ukutheleka kwabantu abaqhamuka kwezinye izifundazw­e beze kulo mdlalo, kuchaza ukuthi bazoshiya imali ethekwini, okungabe bayisebenz­isa kwenye indawo ukuba lo mdlalo kawulethwa­nga kuleli dolobha.

Kufanelwe ashayelwe elikhulu ihlombe uvusi Mazibuko oyimenenja yemoses Mabhida Stadium ngokuba nobuchule bokugcina le nkundla isetshenzi­swa njengoba bese kuthiwa izomila utshani ngemuva kwemidlalo yendebe yomhlaba ebikuleli ngo-2010.

Cishe kube wubuhlakan­i ezikhulwin­i zomkhandlu wetheku ukujuba umazibuko kule nkundla ngoba bese kukaningi ekhombisa ukuthi uyakwazi ukuhlela izinto ngobuchule cishe kusukela esengesiny­e sezikhulu zasedurban University of Technology ngaphambi kokujoyina uphiko lwezemidla­lo lomkhandlu wetheku.

Yize abaningi bekugxeka ukulethwa kwemidlalo emqoka emabhi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa