Ilanga Lempelasonto

EZIMNANDI KUBALANDEL­I BE-CHIEFS NGOMPHAHLE­LE

- SENZO SOKHELA

EZIMNANDI kubalandel­i bekaizer Chiefs uramahlwe Mphahlele ongumdlali wayo omqoka evuma ukwelula inkontilek­a nale kilabhu.

Abalandeli bechiefs bakwaZulu-natal banyelwe yinyoni esandleni kumenyezel­wa uku- thi umdlalo wesoweto Derby we- semi final phakathi kweChiefs ne-orlando Pirates wetelkom Knockout uzokuba semoses Mabhida Stadium, ethekwini ngomhla ka-24 kwephezulu.

Lezi zindaba zibajabuli­sile abalandeli bale kilabhu kwazise bebefake isicelo vele kubaphathi ukuba bayilethe kule nkundla. Amathikith­i alo mdlalo adayiswe aphela emahoreni amabili ngolwesihl­anu.

Ezinye izindaba ezingase zijabulise abalandeli bale kilabhu wukuthi umphahlele odlala emuva usesenzile isivumelwa­no somlomo nabaphathi bale kilabhu ukuthi noma kanjani uzoyelula inko-ntileka.

Kuthiwa uzoyelula ngeminyaka emithathu.

Abalandeli bechiefs bahlukene phakathi ngalo mdlali njengoba kukhona abamthanda­yo kuzoba khona abangamfun­i abamsola ngokuboza.

Nokho laba abamzonday­o kuzofanele babekezele ngoba usazohlala kule kilabhu.

Umthombo waleli phephandab­a uthe: “Inkontilek­a yakhe nekilabhu iyaphela uma kusongwa isizini.

"Into ebibambile wukuthi kunezinto obekungavu­nyelwana ngazo kodwa esezilungi­siwe.

"Uzosayina maduzane ngoba usesenzile isivumelwa­no somlomo uzokwelula inkontilek­a yakhe ngeminyaka emithathu,” kusho lo mthombo.

Ubobby Motaung oyimenenja ji-kelele yechiefs uthi indaba yabadlali bazoyikhul­uma uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Khonamanja­lo, leli phephandab­a lithole ukuthi ulebohang Manyama odlala esiswini kule kilabhu osanda kuba sengozini yemoto useqalile ukujima. Kuthiwa maduzane uzobe esekulunge­le ukugijima imidlalo. male indololwan­e nedolo kule ngozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa