"Imicimbi kayixhaswa ngobungani ethekwini"
Imeya ithi babheka okuzozuzwa yileli dolobha kwezomnotho
IMEYA kamasipala wetheku unkk Zandile Gumede iphumele obala yaqinisekisa abahleli bemicimbi eyenzeka kuleli dolobha ukuthi kabenzeleli kubangani babo nxa benquma ukweseka imicimbi.
Ekhuluma emcimbini wetheku obungolwesithathu wokwethulwa kwamabhasi okuzokube kutetemukiswa ngawo izivakashi kuleli dolobha namaphethelo ngesikhathi samaholide okuphela kwalo nyaka, unkk Gumede ugcizelele ukuthi umcimbi bawuxhasa nxa bebona ukuthi kukhona okuzozuzwa yileli dolobha elihamba phambili ngokuvakashelwa ngesikhathi samaholide kazibandlela (December) eningizimu Afrika.
“Uma sixhasa imicimbi kasiseki umuntu othile ngoba simazi kumbe kukhona asondelene nabo kodwa sibheka ukuthi lowo mcimbi uzokuba namuphi umthelela emnothweni wetheku.
“Uma izivakashi zifika ethekwini zisuke zingezile ukuzobhekana emehlweni kodwa zisuke zizele ukuzojabula ngezindlela ezahlukene. Ngakho kubalulekile ukuba kucace ukuthi imicimbi esiyixhasayo inamuphi umthelela emnothweni wedolobha,” kusho unkk Gumede.
Lo mcimbi wokwethula la mabhasi adume ngelikaricksha bus, bewenganyelwe yidurban Tourism okuwuhlaka olwengamele ezokuvakasha kuleli dolobha. Ngaphandle kwala mabhasi, leli dolobha liphinde lagabisa nangemicimbi elizozimbandakanya nayo eyingxenye yokuheha izivakashi. Phakathi kwale micimbi kubalwa OWESABC Crown Gospel Music Awards okuzokuba neminye ehambisana nawo ezowandulela. Lo mcimbi uthathwa njengomkhulu emkhakheni womculo wokholo njengoba udonsa nezihambeli eziqhamuka nakwamanye amazwe asezwenikazini i-afrika. Omunye umcimbi yidurban Jazz Festival odonsa izinkulungwane zabantu baseningizimu Afrika nabakwamanye amazwe angomakhelwane. Umhleli walo mcimbi, uwanita Ngcobo, utshele abantu ukuthi lo mcimbi kulo nyaka uzokube ugubha iminyaka engu-16 wasungulwa kanti uyaqhubeka nokukhula minyaka yonke.
Uthe nakulo nyaka bahlele lukhulu njengoba amalungiselelo sebewaqalile kanti namathikithi aseyatholakala kuma-computickets.
UDJ Sox ohlela owe-underground naye uphawule ngowakhe ozokuba seyadini Lounge. Lo mcimbi uzokube wenzeka okuka-21 nonyaka. Lo DJ uthi kuyabajabulisa ukukhula kwalo mcimbi kwazise uqale wenzeka emzini, wakhula njengoba usuwenzelwa endaweni eheha inqwaba yabantu.
Ubenny Maverick ohlela igood Sundae, uthe lo mcimbi uzokwenzeka ngesonto lokugcina onyakeni kanti bahlose ukuba abantu bafike kuwona begqoke izimpahla ezimhlophe ukuze bangene onyakeni omusha behlanzekile.
Eminye imicimbi okuphawulwe ngayo ngowebraai Day, yiwoz’edurban nokacassper Nyovest.