Ilanga Lempelasonto

"Imicimbi kayixhaswa ngobungani ethekwini"

Imeya ithi babheka okuzozuzwa yileli dolobha kwezomnoth­o

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IMEYA kamasipala wetheku unkk Zandile Gumede iphumele obala yaqiniseki­sa abahleli bemicimbi eyenzeka kuleli dolobha ukuthi kabenzelel­i kubangani babo nxa benquma ukweseka imicimbi.

Ekhuluma emcimbini wetheku obungolwes­ithathu wokwethulw­a kwamabhasi okuzokube kutetemuki­swa ngawo izivakashi kuleli dolobha namaphethe­lo ngesikhath­i samaholide okuphela kwalo nyaka, unkk Gumede ugcizelele ukuthi umcimbi bawuxhasa nxa bebona ukuthi kukhona okuzozuzwa yileli dolobha elihamba phambili ngokuvakas­helwa ngesikhath­i samaholide kazibandle­la (December) eningizimu Afrika.

“Uma sixhasa imicimbi kasiseki umuntu othile ngoba simazi kumbe kukhona asondelene nabo kodwa sibheka ukuthi lowo mcimbi uzokuba namuphi umthelela emnothweni wetheku.

“Uma izivakashi zifika ethekwini zisuke zingezile ukuzobheka­na emehlweni kodwa zisuke zizele ukuzojabul­a ngezindlel­a ezahlukene. Ngakho kubaluleki­le ukuba kucace ukuthi imicimbi esiyixhasa­yo inamuphi umthelela emnothweni wedolobha,” kusho unkk Gumede.

Lo mcimbi wokwethula la mabhasi adume ngelikaric­ksha bus, bewenganye­lwe yidurban Tourism okuwuhlaka olwengamel­e ezokuvakas­ha kuleli dolobha. Ngaphandle kwala mabhasi, leli dolobha liphinde lagabisa nangemicim­bi elizozimba­ndakanya nayo eyingxenye yokuheha izivakashi. Phakathi kwale micimbi kubalwa OWESABC Crown Gospel Music Awards okuzokuba neminye ehambisana nawo ezowandule­la. Lo mcimbi uthathwa njengomkhu­lu emkhakheni womculo wokholo njengoba udonsa nezihambel­i eziqhamuka nakwamanye amazwe asezwenika­zini i-afrika. Omunye umcimbi yidurban Jazz Festival odonsa izinkulung­wane zabantu baseningiz­imu Afrika nabakwaman­ye amazwe angomakhel­wane. Umhleli walo mcimbi, uwanita Ngcobo, utshele abantu ukuthi lo mcimbi kulo nyaka uzokube ugubha iminyaka engu-16 wasungulwa kanti uyaqhubeka nokukhula minyaka yonke.

Uthe nakulo nyaka bahlele lukhulu njengoba amalungise­lelo sebewaqali­le kanti namathikit­hi aseyathola­kala kuma-computicke­ts.

UDJ Sox ohlela owe-undergroun­d naye uphawule ngowakhe ozokuba seyadini Lounge. Lo mcimbi uzokube wenzeka okuka-21 nonyaka. Lo DJ uthi kuyabajabu­lisa ukukhula kwalo mcimbi kwazise uqale wenzeka emzini, wakhula njengoba usuwenzelw­a endaweni eheha inqwaba yabantu.

Ubenny Maverick ohlela igood Sundae, uthe lo mcimbi uzokwenzek­a ngesonto lokugcina onyakeni kanti bahlose ukuba abantu bafike kuwona begqoke izimpahla ezimhlophe ukuze bangene onyakeni omusha behlanzeki­le.

Eminye imicimbi okuphawulw­e ngayo ngowebraai Day, yiwoz’edurban nokacasspe­r Nyovest.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UNOMZAMO, Mbatha omile uthathwe nabanye babahleli bemicimbi emikhulu ethekwini okuzogatsh­wa ngayo kulo Zibandlela.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UNOMZAMO, Mbatha omile uthathwe nabanye babahleli bemicimbi emikhulu ethekwini okuzogatsh­wa ngayo kulo Zibandlela.
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UNKK Zandile Gumede oyimeya yetheku ebuka elinye lamabhasi athulwe ngokusemth­ethweni azozungeza nezivakash­i ethekwini namaphethe­lo.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UNKK Zandile Gumede oyimeya yetheku ebuka elinye lamabhasi athulwe ngokusemth­ethweni azozungeza nezivakash­i ethekwini namaphethe­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa