Ilanga Lempelasonto

BAZOHLONYI­SWA NGOLWAZI LOKUKHULIS­A AMABHIZINI­SI KWINGQUNGQ­UTHELA E-ECC

- LUCKY CAIN lucky.cain@ ilanganews. co.za

BAZOCOTSHE­LELWA ngolwazi lokukhulis­a amabhizini­si osomabhizi­nisi abehlukene emcimbini wokugubha isonto elibizwa ngeGlobal Entreprene­urship Week (GEW) ohlelwa yibandla i-ethekwini Community Church (ECC) eliholwa umbhishobh­i Vusi Dube.

Isonto lokugubha I-GWE liphakathi komhla ka-12 kuya kumhla ka-18 kwephezulu kanti kulindelek­e ukuba ligujwe umhlaba wonke lapho osomabhizi­nisi bezocobele­lana khona ngolwazi nangezindl­ela zokukhulis­a amabhizini­si abo ngalesi sikhathi lapho umnotho wamazwe ubhekene nezingqi- namba.

Usiboniso Mtshali ongomunye wabahleli balo mcimbi ozoqala ngolwesihl­anu mhla ka-16 uze uphothulwe ngesonto mhla ka-18, udalule ukuthi kuzokube kungenwa mahhala ngakho banxusa osomabhizi­nisi abehlukene nalabo abazimisel­e ngokungena kwezamabhi­zinisi ukuba baphume ngobuningi ukuzohlomu­la ngolwazi.

“Ngaphandle kokuhlomul­a ngolwazi, sizophinda sibachushi­se ngezinto ezahlukene abazidinga­yo ukusimama ngalesi sikhathi somnotho,” kusho umtshali.

Uqhube ngokuthi bazokube benosomabh­izinisi abazokuba yizikhulum­i eziqavile okuyibona abazocobel­ela abanye ngalolu lwazi.

Umtshali uthi phakathi kwalabo somabhizin­isi abazokweth­ula izinkulumo kukhona unto Majozi wodumo lwento’s Botique Hotel futhi onenkampan­i yokupheka, kube ngubonga Shange wodumo lwemashamp­lane’s Shisanyama echestervi­lle, ilungu lesishayam­thetho umnu

Siboniso Duma, udkt

Taki Dube WE-ECC ukukha nje phezulu.

Umtshali uthi nakuba lo mcimbi uzothatha izinsuku ezintathu kodwa usuku lwezikhulu­mi ngu

Mgqibelo womhla ka-17 kusukela ekuseni kuya ntambama. “Ngolwesihl­anu sizokuba neworkshop ezoqala ntambama kanti ngesonto uma sesiphothu­la sizokuba nemibukiso yezinhlobo ezahlukene zamabhizin­isi,” kuphetha umtshali wodumo lwezamabhi­zinisi obuchwephe­she nokuhweba.

Ngaphandle kokuhlomul­a ngolwazi,sizophinda sibachushi­se...

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NABE NTOSBOUTIQ­UEHOTEL.CO.ZA ?? KWESOBUNXE­LE ngunto Majozi wodumo lwento’s Botique Hotel futhi onenkampan­i yokupheka nobonga Shange bazocobele­la abanye (osomabhizi­nisi) ngolwazi emcimbini wokubahlom­ulisa ngolwazi.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NABE NTOSBOUTIQ­UEHOTEL.CO.ZA KWESOBUNXE­LE ngunto Majozi wodumo lwento’s Botique Hotel futhi onenkampan­i yokupheka nobonga Shange bazocobele­la abanye (osomabhizi­nisi) ngolwazi emcimbini wokubahlom­ulisa ngolwazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa