Ilanga Lempelasonto

UYAZIGQAJA NGEKHONO OXOSHELWE "UDAKA" EMDLALWENI IMBEWU

- LUCKY CAIN lucky. cain@ilanganews. co.za

AKAZISOLI ngendlela ayilingise ngayo indawo kanganono umlingisi okusolakal­a ukuthi uxoshelwe ukwehlulek­a ukudlala le ndawo ngendlela egculisayo kwimbewu: The Seed ekhonjiswa kwi-etv phakathi nezinsuku.

Uxolani Lammeck Mfeka ogcine ngokufa kulo mdlalo, uthi ugculiseki­le ngendlela ayidlale ngayo le ndawo kwazise ubelandela imiyalelo yabadidiye­li.

“Ngokwami ngenze konke obekuthiwa mangikwenz­e ukulingisa indawo kanganono. Kangizibon­i kukhona lapho ngihluleke khona,” kusho lo mlingisi.

Ukulingisa kukaxolani bekuhalisa nababukeli balo mdlalo kwazise abanye bebeze bababele ezinkundle­ni zokuxhuman­a beyomtinye­la khona. Uxolani uthi ubeke azizwe izikhalo futhi ezinye azibonele ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa bekungekho angakwenza ngoba ubelandela abekutshel­wa ngale ndawo.

“Beyingekho into ebengingay­enza nakuba bekungipha­tha kabi ukubona abantu besola indlela engilingis­a ngayo ekubeni ngizazi ukuthi ngingenza kangcono. Phela bengilande­la imiyalelo yabadidiye­li,” kusho yena.

Uthe wake wahlala phansi nabadidiye­li balo mdlalo ebazisa ngezikhalo zabantu ngokulingi­sa kwakhe kodwa bamtshela ukuthi makaqhubek­e ngendlela abamtshela ngayo. Uthe nakuba bekukhona abebemgxek­a kodwa bebekhona abebemesek­a bekuqonda ukulingisa kwakhe.

Uqhube wathi ubengaqali ukulingisa emdlalweni kamabonaku­de kwazise uke wavela kwigauteng Maboneng nakwigener­ations phambilini.

Uthe kwimbewu ubeqala ukuthola indawo enkulu azoyidlala kanti ulithokoze­le kakhulu ithuba lokulingis­a kulo mdlalo. Ukuphikile ukuthi uxoshiwe kodwa wathi utshelwe ukuthi indawo kanganono isiphelelw­a yisikhathi futhi wakuhlonip­ha lokho. Kuzokhumbu­leka ukuthi

ILANGA Langesonto libe ngelokuqal­a ukubika ngokuxoshw­a kwalo mlingisi kulo mdlalo owuchungec­hunge.

Utshele leli phephandab­a ukuthi impilo iyaqhubeka njengoba engasekho kulo mdlalo kwazise kunezingxo­xo anazo nesiteshi sikamabona­kude esingaphan­si kweSABC.

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UXOLANI Lammeck Mfeka uthi ngokwakhe uyidlale kahle indawo kanganono kwimbewu: The Seed.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UXOLANI Lammeck Mfeka uthi ngokwakhe uyidlale kahle indawo kanganono kwimbewu: The Seed.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa