Ufihlwe ngosuku azalwa ngalo
Bancome ukuzinikela nokuhlonipha kukamnu Msimang
SIFIHLWE ngosuku olufanayo nesazalwa ngalo isishoshovu SE-ANC, umnu Mendi Msimang, izolo ngoMgqibelo esontweni lasechristian Revival Church etshwane.
Umnu Msimang, owayeshade nowayengungqongqoshe wezeMpilo kuleli, udkt Manto Tshabalala-msimang ushone ngomsombuluko mhla ka-3 kwephezulu ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside ephethwe yisifo somdlavuza.
Umngcwabo kamnu Msimang, obekumele ngabe ubegubha iminyaka engu-90 izolo, ubusingethwe ngokwezinga likahulumeni njengoba umengameli Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yosuku yokuphelezela le nkakha yeqembu elibusayo.
Umnu Ramaphosa umchaze njengomuntu obezinikela futhi ewuhlonipha umsebenzi wakhe. Uphinde wancoma umnu Msimang ngokusingatha kwakhe isikhundla sokuba ngumgcinimafa weANC iminyaka eyishumi kusukela ngo-1997.
Uthe ngesikhathi engumgcinimafa, umnu Msimang ukwazile ukusiza I-ANC ibe sesimeni esikahle sezezimali njengoba bekuwumsebenzi wakhe ukuqoqa isikhwama saleli qembu.
Abazukulu bakamnu Msimang babonge ithuba abalitholile lokuba naye ikakhulukazi ngezinsuku zakhe zokugcina. Baphinde ba- mculela nengoma yokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.
Umnu Msimang uke waba yinxusa leningizimu Afrika e-united Kingdom kanti impilo yakhe yonke usebenzele leli qembu kusukela emazingeni aphansi alo kuya kwaphezulu nakuba engazange abe yingxenye kahulumeni.
Ungomunye wabaholi abebehlonishwa eqenjini ngokulwela inkululeko eningizimu Afrika.
Umngcwabo kamnu Msimang ubuhanjelwa ngosopolitiki, osomabhizinisi, izikhulu ezahlukene zikahulumeni.
Ingwazi ye- jazz, ujonas Gwangwa, iphelezele umnu Msimang ngomculo.
lucky.cain@ilanganews.co.za